I-ORLANDO Pirates ishaye ingwiji ngomdlali waphambili uDove Wome ongeke esabuyela kuleli qembu.
UFloyd Mbele oyisikhulu seqembu udalule ukuthi uWome ngeke esabuyela kweZimnyama.
“UWome ubuyele kwiSuperSport United. Ngeke siwusebenzise umbandela ebesinawo wokwelula inkontileka yakhe. Yingakho sisayinise uMusa Nyatama (obegijima kwiBleomfontein Celtic),” kusho uMbele.
UWome usenenkontileka neSuperSport. Imbolekise kwiPirates ngoJanuwari. Kuleli qembu ufike wenza kahle eshaya amagoli amqoka.
U-Eric Tinkler ocija Amatsatsantsa a Pitori, uthe uchazekile ngendlela uWome azinikela ngayo.
“UWome ungumdlali weSuperSport United. Unenkontileka yonyaka neqembu. Ubekade ehambe neqembu ukuya ekhempini ePolokwane. Ingichazile indlela azinikele ngayo kule khempu,” kusho uTinkler.
Imenenja kaWome, uMichael Ngobeni, ithe abayibambele gqubu iPirates ngokuchayisa uWome.
“UWome alikho elinye iqembu elimfunayo ngaphandle kwePirates ebinombandela wokwelula inkontileka yakhe. Akazange achithwe kwiSuperSport. Unenkontileka futhi ukulungele ukuyolwela ijezi. Yize ebeseke waphumela obala ngothando lokuhlala kwiPirates kodwa ayikho into angayenza, ibhola linjalo. ISuperSport kuseyikhaya lakhe,” kusho uNgobeni.
ISuperSport imatasa namalungiselelo esizini entsha. Izobhekana neKaizer Chiefs kwi-quarterfinal yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
“Amalungiselelo ethu ahamba kahle kakhulu. Abafana bayayithakasela futhi bayayiqonda indlela engifuna sidlale ngayo. Emakethe asikaqedi kwazise sisafuna ukuqinisa iqembu lethu njengoba iwindi livalwa ngo-Agasti 31,” kusho uTinkler.
UWome usegijime emaqenjini amaningi lapha eNingizimu Afrika. Useyibambe kwiFree State Stars, Mamelodi Sundowns, Pirates nakwiSuperSport asasemabhukwini ayo.
Kuleli qembu kungenzeka abhaliswe esikwatini esizodlala emidlalweni yeCAF Confederation Cup. Amatsatsantsa a Pitori azibekisele indawo kulesi sigaba ngemuva kokuqeda endaweni yesibili ku-log eqoqweni layo.
Kuma-quarterfinal izodlala neZanaco FC yaseZambia. Umlenze wokuqala ungempelasonto kaSepthemba 8 bese kuthi owesibili udlalwe ngekaSepthemba 15. Umlenze wokuqala useMzansi kanti owesibili useZambia.