Ezemidlalo

UWilliams uhlohle abeSundowns ngokuzephula e-USA

Mthokozisi Mncuseni|Published

URONWEN Williams weMamelodi Sundowns ongaphiki ukuthi kusebuhlungu kubadlali baleli qembu ukukhala ngaphansi kwiCaf Champons League

Image: BACKPAGEPIX

UBUHLUNGU benhliziyo kwabeMamelodi Sundowns ngenxa yokuphuthelwa kwayo yithuba lokudla isicoco seCaf Champions League emasontweni edlule, kufanele babusebenzise ukuzikhuthazela ukumela izwekazi njengesibani kwiFifa Club World Cup.

Lawa amazwi asakuphaka impi ashiwo omunye wokaputeni kwiSundowns, uRonwen Williams, ngaphambi kokithi leli qembu laseChloorkop libhekise amabombo e-USA.

UWilliams ubekhuluma nabezindaba esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo ngamathuba ezakhe njengoba befakwe kuGroup F neHD Ulsan yaseSouth Korea, Borussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil.

Kusale kancane ukuthi iSundowns iyiqede indlala yeChampions League eyagcina ukuyiqukula eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule kodwa kwanqaba iPyramids FC yase-Egypt.

UWilliams akaphiki ukuthi bayeka ithuba lokwengeza ngenye inkanyezi ejezini labo kodwa kwiClub World Cup ubona ithuba lokusula abalandeli babo izinyembezi ngokugqamisa igama leSundowns ebholeni lomhlaba.

“Ngabe ukhuluma iphutha othi akuzange kusihlukumeze izinhliziyo ukungayiwini iChampions League kodwa lokhu sekudlulile ngoba sesisitholile isikhathi sokwetshisa konke okwenzekile,” kusho uWilliams kwabezindaba.

“Uma ngizikhulumela mina, lo mphumela waseCairo ungeminye yelukhuni ukuthi ngiyamukele ngoba ngikholelwa ekutheni konke sakwenza ngendlela saphikwa yinhlanhla kuyona yomibili imilenze yomdlalo wamanqamu.

“Ngemuva kowamanqamu saba nomhlangano singabadlali nengicabanga ukuthi uzohamba ibanga elide njengoba siya emqhudelwaneni ohlanganisa zonke izingqungqulu zomhlaba.

“Ukumenywa kwethu kulo mqhudelwano kuyisibusiso kodwa ukumela i-Afrika ngendlela encomekayo kuzolikhulisa nakakhulu igama lethu kuleli zwekazi.

“Siyazi ukuthi ukwenza kahle kweSundowns sekuyakhele ugazi ikakhulukazi e-Afrika ngakho-ke kulo mqhudelwano sibona ithuba lokwenza okufanayo emhlabeni.

“Asilona iqembu elizingabazayo yize siqonda ukuthi la siyakhona kuboshelwe zonke izinkunzi zomhlaba. Siyazi ukuthi sinawo amava okuthusa abaningi kulo mqhudelwano ngokwabadlali abasemabhukwini ethu.

“Sinengqayizivele yethuba lokwenza into ezosisiza sisheshe sikhohlwe nawukuthi siyeke ingqayizvele yethuba lokufika kulo mqhudelwano singompetha base-Afrika,” kusho uWilliams.

EzikaMiguel Cardoso ziqala ngobukeka unamathuba angcono okuthola okuthile kuwona ne-Ulsan ngoJuni 18 kulandele oweDortmund ngoJuni 21 ngaphambi kokuvala iqoqo ngeFluminense ngoJuni 25.