UZAMA inhlanhla kwiBlack Leopards uThobani Mncwango owaduma ngokuqhulula amagoli kwiPolokwane City kumasizini adlule njengoba efuna ukuvusa ikusasa lakhe ebholeni.
UMncwango ugcine ukubonakala kwiBidvest Wits emkhulule kwinkontileka yakhe ekupheleni kwesizini edlule emuva kokuhluleka ukuthola indawo esikimini sikamqeqeshi uGavin Hunt.
Lomdlali ubengasenalo iqembu njengoba eseke wamataniswa neBloemfontein Celtic eyishaye indiva indaba yokumsayinisa ekuqaleni kwale sizini.
Ngokusho kukamqeqeshi weLidoda Duvha uLuc Eymael, uMncwango usesebenze ngokwanele ukuthi anikezwe inkontileka kuleli qembu. “Ubukeka esesimeni esihle. Izolo (ngoMsombuluko) ushaye amagoli ayisishiyagalombili eziqeqesha neqembu,” kusho u-Eymael ecashunwa abeKickOff.
UMncwango udonse amehlo amaqembu ayinqwaba ngenkathi evalela enethini amagoli amane iPolokwane City ibhuquzisa iSupersport United emdlalweni we-Absa Premiership ngonyaka ka-2016.
U-Eymael uphinde waqinisekisa ukuthi abadlali ababili abadume kwiFree State Stars uBangali Keita noTshepo Tema baziqeqesha neqembu. “UKeita noTema bakhona futhi sizoqhubeka sibahlole. Sinomdlalo wesihle ngoMgqibelo,” kusho u-Eymael.
Kwezinye izindaba ezithinta iLeopards, abadlali abakhululwe yiWits ekupheleni kwesizini edlule u-Edwin Gyimah noPrince Nxumalo kulindeleke ukuthi bafike ukuzoziqeqesha neqembu ezinsukwini ezizayo.