UMQEQESHI wePolokwane City, uJozef Vukusic, akafuni ukuyingena eyokungaqokwa kukakaputeni wezakhe eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
UJabu Maluleke, okhethwe waba ngumdlali oshaye into ecokeme kwi-Absa Premiership ngo-Okthoba, uphinde wasala ngaphandle kwelesizwe elizodlala neNigeria kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngoMgqibelo eFNB Stadium ngo-3 ntambama.
UMaluleke oyibamba esiswini akakaze adlale kwiBafana phezu kokuhlale edlala ibhola elisezingeni eliphezulu kusukela ekwiBlack Leopards nakwiSuperSport United.
“Angithandi ukukhuluma ngalezo zinto. Ngiyaqonda ukuthi zisebenza kanjani. IPolokwane ibukeka iyiqembu eliphansi. Ngesizini edlule livike izembe, liyehla liyenyuka. Abadlali bami kumele basebenze kanzima uma benze njalo imivuzo izobalendela,” kusho uVukusic.
Uthe uMaluleke ungumdlali obalulekile eqenjini lakhe.
“Uyakwazi ukusilawulela umdlalo sidlale ngendlela esifuna ngayo. Kodwa futhi wonke umuntu eqenjini unendima yakhe okumele ayidlale.”
Lo mqeqeshi odabuka eSlovekia usebeke iRise Shine endaweni yesikhombisa kwi-log ngemuva kokuqoqa amaphuzu awu-18 emidlalweni ewu-11. Ngemuva kokuthola iphuzu kuMaZulu FC ngempelasonto emdlalweni weligi ophele ngo 0-0, uthe usebheke ukuthi ukuthi bayigcine indawo yabo emidlalweni emine esele ngaphambi kokuphela komzuliswano wokuqala weligi.
Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iCity izovakashelwa iCape Town City ePeter Mokaba Stadium ngoNovemba 27.
Lo mdlalo uzolandelwa owasekuhambeni neBloemfontein Celtic ngoDisemba 2. Izobuyela ekhaya yamukele iHighlands Park ngoDisemba 11, bese ivala unyaka neChippa United ekuhambeni ngoDisemba 14. “Besibheke ukungena emaqenjini okuqala ayisishiyagalombili, sesikwenzile lokho. Sekumele silwele ukuthola amaphuzu emidlalweni emine esele ngoba ngeke kube lula ukudlala ekhaya neCape Town City neHighlands sibuye siye ekuhambeni kwiCeltic nakwiChippa."