USEBHEKE indawo esikwatini sikaStuart Baxter umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uSibusiso Vilakazi obuye seliyoshona kwisizini ka-2018/2019 ngenxa yokulimala.
UVilakazi ukhathule indima ebonakalayo emidlalweni yokugcina yeSundowns egcine ngokuba ompetha be-Absa Premiership.
Ubekade esehlale izinyanga eziyisihlanu kulandela ukunqamuka umsipha ongenhla kwesithende esekhempini yeBafana Bafana ngo-Okthoba nyakenye.
Nokho emuva kokululama akathwalanga kanzima ukubuyela esikimini seSundowns emidlalweni yeligi nakwiCAF Champions League abakhishwe
kuwona kowandulela owamanqamu.
NgoLwesibili uBaxter uzomemezela isikwati esizodlala kwiCosafa Cup ezoba seThekwini neseziyoyibamba
kwi-Africa Cup of Nations ese-Egypt ngenyanga ezayo.
“Ngiyafisa ukuthola indawo kwiBafana. Kodwa-ke konke kulele endleleni okukhethwa ngayo. Ngifuna ukungena nami kodwa sizobona ukuthi kwenzekani. Angazi noma ngenze okwanele yini kule midlalo engiyidlalile ngaphambi kokuphela kwesizini. Into ebengiyifisa ukuthi kuphole labho ebengilimele khona, ngibuye ngizofaka isandla ngibambise ozakwethu kule midlalo yokugcina engicabanga ukuthi ngikwazile ukukwenza,” kusho uVilakazi.
Nakuba uVilakazi enesifiso sokuqokwa nguBaxter kwiBafana kodwa kuze kube manje akalazi ikusasa lakhe kwiSundowns kwazise iqembu alikacacisi ngombandela weminyaka emibili enkontilekeni yakhe ezophela ngenyanga ezayo.
KoweCosafa,iBafana izobhekana neBotswana kuma-quarterfinal ngoJuni 2 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UVilakazi uwine isicoco seligi sesibli neSundowns ayijoyine ngo-2016 esuka kwiBidvest Wits.
Ufike eChloorkop ekade eqokwe njengomdlali ovelele kwi-Absa Premiership,iFootballer of the Season.
Kule sizini ozakwabo abane bazobanga imklomelo eyahlukene emcimbini onamuhla eChiefs Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini.
Ukaputeni uHlompho Kekana noThemba Zwane bazobanga oweFootballer of the Season.
Umdlali wasemuva uRicardo Nascimento usethubeni lokuwina oweDefender of the Season kuthi unozinti uDenis Onyango abheke ukuvikela okweGoalkeeper of the Season awudle ngesizini edlule.
“Kubafanele ukuqokelwa le miklomelo,balisebenzele kanzima iqembu.
Noma ubani ozowuwina umklomelo kufanele awulethe ekhaya.
“Okungijabulisa kakhulu ukuthi siwine iligi kulandelana,sikwazile ukuyivikela.
“Siyiqembu senze omkhulu umsebenzi.
Akulula ukuvikela iligi kwazise wonke amaqembu kade eyifuna kodwa sikwazile ukumelana nobunzima esibhekane nabo endleleni silwile kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uVilakazi.