UFORTUNE Makaringe weMaritzburg United kuvela ukuthi uzofudukela kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo
UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Eric Tinkler, uphumele obala ngokuhamba kwenjini yeMaritzburg United uFortune Makaringe obemataniswa namaqembu amakhulu ayibamba kwi-Absa Premiership. Ngokusho kukaTinkler, lesi sibabuli sizogijimela i-Orlando Pirates ngesizini ezayo.

UTinkler uphahluke ngemuva komdlalo we-Absa Premiership phakathi wezakhe nePirates eHarry Gwala Stadium, ngoLwesithathu. ITeam Of Choice ikhale ngaphansi kwiBhakabhaka yehlulwa ngo 1-0.

UMakaringe akabanga nomdlalo omuhle, uchithe isikhathi esiningi nozakwabo bemaka, begijinyiswa abadlali beBucs.

Ebuzwa ngokuthi ngabe umbone kanjani uMakaringe kulo mdlalo, uTinkler uthe lesi sikhwishikhwishi sidlalise ‘’okomuntu obefuna ukuzibonakalisa’’ kozakwabo abasha.

“Akekho umdlali othanda ukwehlulwa. Ubeziphusha sibhekene nePirates efuna ukubakhombisa ukuthi uya kubona ngesizini ezayo efuna bambone kahle. Kodwa ngokwami akabanga nomdlalo omuhle noma abewulindele. Ngiyamazi futhi ukuthi uwuhlobo luni lomuntu, ngakho uzokwamukela ukuthi akadlalanga kahle, enze kangcono ngokuzayo,” usho kanje uTinkler ecacisa ngokusobala ukuthi uMakaringe uzojoyina iBucs ngesizini ezayo.

Isimo iMaritzburg ezithola ikusona njengamanje sisho ukuthi sekufanele inqobe yonke imidlalo emithathu eyisalele.

Kusasa bazodlala neBlack Leopards ekuhambeni, balandele ngeSuperSport United ekhaya, bayivale neBaroka FC ekuhambeni.

“Kunginika ithemba ukuthi iBaroka idlale ngokulingana neFree State Stars, iChippa United yiMamelodi Sundowns. Amaqembu esibanga nawo emsileni ayahluleka ukuqoqa amaphuzu kodwa nathi siyahluleka ukusebenzisa lelo thuba. Ngendlela isimo esiyisona njengamanje, kufanele sinqobe yonke imidlalo esisalele. Lawo maphuzu ayisishiyagalolunye ngikholelwa ekutheni azosisindisa,” usho kanje uTinkler.

Ngokusho kukaTinkler kunemidlalo obekungafanele bashaywe kuyona, okungenani obekufanele bathole iphuzu.

“Sibe nebhadi nje engingazi ukuthi elani. Inhlanhla asinayo nhlobo. Buka nje umdlalo wethu neKaizer Chiefs, oweBidvest Wits, Cape Town City, Sundowns nawo lona wePirates. Ngokwami yonke le midlalo bekungafanele sishaywe kuyona. Okungenani bekufanele sithole iphuzu kuyona yonke. Ngabe silaphi manje? Kungakho ngithi ngisola ukuthi inhlanhla asikabi nayo,” kubalisa uTinkler.