UMQEQESHI weMaritzburg United, u-Eric Tinkler, uthe ubheke ukuthola amaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni emine esalele ezakhe kwi-Absa Premiership.
ITeam of Choice izenzele phansi ishaywa yiHighlands Park ngo 1-0 emdlalweni weligi obuseMakhulong Stadium ngempelasonto.
Lo mphumela ubeke esimeni esinzima ezikaTinkler njengoba zinamaphuzu awu-20 emidlalweni ewu-26.
Nokho uTinkler uthe nakuba ebona ukuthi ‘badonsa ngodizili’ kodwa unethemba lokuthi amaphuzu ayisishiyagalolunye azobasiza bavike izembe.
IMaritzburg isalelwe wukudlala ne-Orlando Pirates ekhaya, Black Leopards ekuhambeni, SuperSport United ekhaya bese iyivala neBaroka FC nayo edonsa kanzima, ekuhambeni.
“Asidlalanga kahle neze sibhekene neHighlands, senze iphutha elilodwa lasishonela kanjalo, sashaywa. Ebholeni ngeke uze ushaye phansi ngonyawo ngokuthi kuzokwenzekani kodwa ngokwami ngibona amaphuzu ayisishiyagalolunye engasisiza kakhulu, siphume kule nkinga esikuyona,” kusho uTinkler.
Umdlalo weMaritzburg olandelayo izowudlala nePirates ngo-Ephreli 24, eHarry Gwala Stadium ngo-7.30 ebusuku.
“Siyazi ukuthi sizobhekana neqembu elizihola phambili kwi-log futhi elinabadlali abahlakaniphile. Nokho ekhaya senza kahle muva nje, ngakho akufanele sishintshe indlela esidlala ngayo, kufanele sihlasele sigweme amaphutha,” usho kanje uTinkler.
Phakathi kwabadlali abangeke badlale uma iMaritzburg isibhekene nePirates wuBrian Onyango osalimele no-Allan Kateregga ongeke abe khona ngenxa yamakhadi.
“Angiyena umqeqeshi odikilayo, noma osheshe aphonse ithawula. Sizoqhubeka silwe kuze kube sekugcineni. Sidinga ukuthi abalandeli bethu baphume ngobuningi babo bazoseseka uma sesibhekene neBucs ngesonto elizayo. Siyacela besheshe bethenge amathikithi abo ngoba sisempini esidinga kuyona zonke izikhali,” kubeka uTinkler.
Amanye amaqembu asengozini yokugawulwa yizembe iChippa United (24), Free State Stars (24) neBaroka FC (24).
“Akufanele sizihluphe ngamanye amaqembu asesimeni esicishe sifane nesethu ukuthi adlala kanjani. Thina kufanele sithole amaphuzu kwaphela. Okunye nokunye kuzozicacela,” kuphetha uTinkler.