INKAKHA yaseZimbabwe uBenjani Mwaruwari, oke wadlalela iManchester City yase-England, uthe kwamethusa ukusayina kukaKhama Billiat kwiKaizer Chiefs.
Ngokubona kukaMwaruwari, oke wadlala kwiJomo Cosmos ngaphambi kokuya phesheya kwezilwandle, uBilliat bekufanele ayodlala phesheya kwezilwandle hhayi kwiChiefs.
UBilliat usayine kuMakhosi ngasekuqaleni kwesizini esuka kwiMamelodi Sundowns abesehlale kuyona amasizini amahlanu. Ushiya nje kuyona ubesenqobe isicoco seCAF Champions League neseligi amahlandla amathathu. Ezinye izicoco azinqobe namaBrazilians eseNedbank Cup asinqobe kanye, neseTelkom Knockout naso asinqobe kanye.
“Ngokwami obese kusalele uBilliat wukuthi aye phesheya kwezilwandle ngoba bese ekunqobe konke neSundowns e-Afrika. Kungakho ngithi kwangethusa kakhulu ukumbona esethushuka kwiChiefs kodwa-ke izinto ziyenzeka ebholeni. Kwesinye isikhathi izinqumo ezithathwayo ziyethusa impela. Ngokwami ngase ngithi uqedile nelinye lamaqembu aphesheya kwezilwandle,” kusho uMwaruwari engxoxweni ekhethekile naleli phephandaba.
Eqhubeka elandisa Isolezwe uMwaruwari uveze ukuthi banobudlelwane obuhle kakhulu noBilliat kangangoba bayathintana ngezingcingo. Uthe uhleze emtshela ukuthi akaqhubeke nokudlala ingcwenga yebhola. Nokho uMwaruwari uthe selokhu uBilliat efike kwiChiefs kukhona la kushoda khona.
“Sekuyisikhathi sokuthi uBilliat aqale ukushaya amagoli manje kwiChiefs. Akukhona ukuthi ungumdlali osafika ebholeni laseNingizimu Afrika futhi osafunda. Ungumakadebona oyaziyo into ayenzayo. Useke wadlala eqenjini elikhulu phambilini okuyiSundowns, engicabanga ukuthi kuzomsiza kakhulu. Ngakho sekuyisikhathi sokuthi aqale ukuthwala iqembu ngokushaya amagoli ukuze abe yisethenjwa seqembu,” kusho uMwaruwari.
UBilliat ushaye igoli ngesikhathi iChiefs ibambana ngo 2-2 neSuperSport United emdlalweni weMTN 8 ngeSonto.
Ebuzwa ngokuthi ngabe yiliphi iqembu elingase limuke nesicoco se-Absa Premiership uMwaruwari uthe: “Ngicabanga ukuthi iSundowns izosivikela isicoco seligi. Uma ubuka nje kwamanje umqeqeshi weChiefs, okulindeleke ukuthi igile izimanga kule sizini, usekhala ngokukhathala kwabadlali. Ngempela le nto ayishoyo uthi abadlali abaqhubeke kanjani nokulwa? ISundowns ineqembu elishisayo futhi eliphelele kodwa nawo amaBrazilians mawagade iBidvest Wits ngoba ingawadlisa ngamapayipi.”
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Namuhla ngo-7.30 ebusuku: SuperSport United v Chippa United (Lucas Moripe Stadium); Baroka FC v Highlands Park (Princess Magogo Stadium); Kaizer Chiefs v Bloemfontein Celtic (FNB Stadium); Free State Stars v Cape Town City (Goble Park Stadium); Bidvest Wits v AmaZulu FC (Bidvest Stadium)