SITHEMBISO MKHIZE
UMQEQESHI weSuperSport United, uKaitano Tembo, uzwelana nemdlali wezakhe uSipho Mbule othe eqala ukubizelwa kwiBafana Bafana yahluleka ukungena kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) engonyaka ozayo eCameroon.
UMbule oyibamba kuthule umoya esiswini saMatsatsantsa a Pitori, ubebizelwe esikwatini esibambane ngo-1-1 neGhana sase sadliwa iSudan ngo-2-0 kweyokuhlungela lo mqhudelwano.
Akazange alithole ithuba lokudlala.
Abanye ozakwabo beSuperSport abebizwe nabo unozinti uRonwen Williams noBradley Grobler, owagcina ekhishiwe ngenxa yokulimala.
UTembo uthe uyezwelana noMbule ngokuthi injabulo yakhe yokubizelwa kwiBafana iphenduke usizi.
"Siyazwelana sonke nesimo esehlele iBafana. Nakuba engadlalanga uMbule kodwa ngiyakuqonda ukuthi ubengajabula ukuba yingxenye yeqembu elikwazile ukungena kwi-Afcon. Kayikho into esingenziwa, ibhola linjalo. Nokho akujiki ukuthi ngajabula kakhulu ngesikhathi ebizelwa kwiBafana noWilliams, noGrobler nakuba ephinde akhishwa ngenxa yokulimala," kubeka uTembo.
Ngesikhathi uMolefi Ntseki eqokela uMbule eqenjini lesizwe, wagcizelela ukudlala kahle kwakhe nokukwazi ukubamba umgqigqo.
Eqenjini lakhe usedlale imidlalo ewu-18 kwewu-21. Ushaye amagoli amabili, wakha amahlanu
Abanye abadlali abebeqala ukubabiza uNtseki, uVeli Mothwa ongunozinti waMaZulu, Craig Martin weCape Town City noBen Motshwari we-Orlando Pirates.
Mayelana neDStv Premiership, uTembo uthe ikhefu leFifa libanike ithuba lokulungisa okuningi.
"Kule midlalo yakamuva senze inqwaba yamaphutha, enze sahluleka ukuqoqa amaphuzu. Lokhu kusikhinyabezile kokuningi kwiligi. Nokho akukubi kangako, kumele senyuse amasokisi. Sisalelwe imidlalo eyisishiyagalolunye kuphela. Kumele siqoqe amaphuzu enele.“
EzikaTembo zisendaweni yesithathu ngamaphuzu awu-35. Lokhu kuzenza zisale ngamahlanu kwiMamelodi Sundowns ephethe imidlalo emithathu esandleni.
Emidlalweni emihlanu yakamuva, iSuperSport ihluleke yancama ukuthola amaphuzu aphelele. Kulesi sibalo idliwe AmaZulu nePirates.
Kowokugcina ibambane ngo-1-1 neStellenbosch.
Izoze ibuyele enkundleni ngo-Ephreli 10 iyobhekana neCape Town City, eCape Town Stadium.
NamaCitizens anenkinga efanayo, sekuphele imidlalo eyisikhombisa enganqobi. Alele kweyesikhombisa ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-20. Emlenzeni wokuqala, iSuperSport yanqoba ngo-2-1.