ALOKHU evuleke njalo amathuba kuTeko Modise osanda kugaxa amakhokho emgibeni emuva kokuvela kwezindaba ezithi uzoba sethimbeni elizohlaziya imidlalo ye-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoJuni 29 isongwe ngoJulayi 19 e-Egypt..
Imenenja yakhe, uJazzman Mahlakgane, ithe sebeqede konke nesiteshi iSuperSport mayelana nokuthi uModise abe sethimbeni elizohlaziya.
“Impela sekuvunyelwene ukuthi uModise uzohlaziya imidlalo ye-Afcon. Mayelana nenkontileka nesiteshi yinto esisayibhunga. ISuperSport ithe yaneliseka ngendlela ahlaziya ngayo umdlalo iBafana Bafana eyangena ngawo kwi-Afcon ngesikhathi ishaya iLibya. Ithe izoqhubeka imhlole ngemidlalo ezoqala.”
UMahlakgane uthe nakuba okwamanje kungekho emqondweni kaModise ukuqeqesha kodwa maduze uzofulathela iNingizimu Afrika ukuyokwenza izifundo zokuqeqesha kwelinye lamazwe e-Europe.
Kuthiwa ubesevele eqalile ukusiza ithimba labaqeqeshi kwiCape Town City. NoBenni McCarthy, ocija iqembu, uze wamkhuthaza ukuthi angene ekuqeqesheni.
ICity, uModise afike kuyo ngesizini ka-2017/18, isanda kumnika isikhundla sokuba yinxusa layo. Nakuba engathandanga ukwenaba uMahlakgane kodwa uveze ukuthi kunesikhundla esimqoka uModise alungiselwe sona eqenjini. Ngeke abe yinxusa elejwayelekile kodwa uzongena agamanxe ezinhlelweni zokutholela iqembu abaxhasi, ukulifaka kubantu ezweni lonke okuhlanganisa ukwandisa isibalo sabalandeli nakwezinye izinhlelo zokuthuthukisa iCity.
“Kuyiqiniso ukuthi iCity inezinhlelo ezinzima ngoModise. Nokho okwamanje kuseva ukukhuluma ngazo. Okuhle wukuthi njengoba ezoba yinxusa leqembu uzongena agxile ezinhlelweni zokulithuthukisa. ICity ikholelwa wukuthi ubuchule bakhe kabukho enkundleni kuphela kodwa bungasiza ekuthuthukiseni nasehhovisi,” kusho uMahlakgane.
Ngaphambi kokuthi uModise ajoyine iCity uqale wadlala kwiRia Stars, City Pillars, SuperSport United, Orlando Pirates nakwiMamelodi Sundowns.
Phakathi kwezicoco azinqobile kubalwa ese-Absa Premieship, Telkom Knockout, Nedbank Cup, MTN8, CAF Champions League neCAF Super Cup.
Efika kwiBucs ekupheleni kwesizini ngo-2007 wathola umklomelo iPSL Footballer of the Year.