ABADLALI beBafana okuzobe kulindelwe lukhulu kubo uSifiso Hlanti, Thulani Hlatshwayo, noTeboho Mokoena. Isithombe: Gerhard Duraan/BackpagePix

AWUSEZUKUBUKWA ngomtakabani kuphela umdlalo weBafana Bafana neLibya wokuhlungela i-2019 Africa Cup of Nations (Afcon) oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Lokhu kuqinisekiswe ngoLwesine ntambama yiSouth African Football Association (Safa) neSouth African Broadcasting Corporation (SABC) abathumele izitatimende ngokwehlukana.

Isitatimende seSafa sithe le nhlangano neSabc ngokuthula sebeyixazululile indaba yokusakazwa umdlalo wokuhlungela i-Afcon ophakathi kweBafana Bafana neLibya.

“Kuyintokozo ukumemezela ukuthi sesizilungisile izinkinga ebezikhona,” ucashunwe kanje kulesi sitatimente umengameli weSafa, uDanny Jordaan.

“Sithanda ukubonga iSABC ngokwenza isiqiniseko sokuthi isizwe sizowubuka umdlalo waso esiwukhonzile emsakazweni womphakathi.”

FUNDA: IBafana ne-England ngamanzi namafutha - Mokotjo

Lo mdlali bekunokungabaza ukuthi uzovezwa kusukela iSafa yathumela isitatimente ithi ngeke isayiveza imidlalo yeBafana neBanyana Banyana ngenxa yokuthi ikweletwa yiSABC izigidi ezingu-R50 million.

Emasontweni amabili edlule iSABC ngomlomo kaNeo Momudu itshele Isolezwe ukuthi imidlalo izovela kuphela uma bephumelela ukuncenga lo msakazo.

UMomudu neSafa ayitholakalanga ukucacisa ukuthi ngabe bazoyisakaza yonke yini imidlalo ezayo.

IBafana idlala neSychelles ekuhambe i ngoLwesibili. -malibongwe mdletshe