UKHONJWE indlela uCamaldine Abraw, umgadli owaduma kwiKaizer Chiefs kodwa wahluleka wancama ukushayela AmaZulu amagoli.
U-Abraw, odabuka eTogo, ufike kuMaZulu kuthenjwe ukuthi uzofika ashaye inqwaba yamagoli kodwa kwabheda. Udlale imidlalo emihlanu. Kuyo yonke akazange ashaye ngisho elilodwa igoli.
Usuthu belinawo umbandela wokwelula inkontileka ka-Abraw kodwa imenenja yalo, uQedi Dlamini, uqinisekisile ukuthi ngeke abuyele oSuthwini ngesizini ezayo.
“Iqembu belinombandela wokwelula inkontileka ka-Abraw kodwa lithathe isinqumo sokungawusebenzi. Ngesikhathi sisayinisa * -Abraw besibheke ukuthi asishayele amagoli kodwa akazange ashaye nelilodwa. Ukube mhlawumbe ushaye amagoli ayisishiyagalombili besizocabanga ngenye indlela. Simfisela inhlanhla lapho ezodlala khona,” kusho uDlamini.
Usuthu luvele selumtholile umgadli ozovala isikhala sika-Abraw. Lisayinise u-Emiliano Tade obegijima kwi-Auckland City yaseNew Zealad. UTade, odabuka e-Argentina, kuthiwa akalibheki ipali.
Ngaphandle kokuqinisa phambili, Usuthu luvele selusayinise uNhlanhla Vilakazi obeyibamba kwiFree State Stars noMoeneeb Josephs obegijima kwiBidvest Wits.
“Iqembu lizobuyela ekhempini ngoJuni 18 ukuzoqala amalungiselelo esizini entsha. Siyaxoxa ne-Orlando Pirates ngokuthi sibuyise uThembela Sikhakhane (obekade ebolekisiwe). Siyethemba ukuthi uzoba khona kubadlali abazobuyela eqenjini. UBoalefa Pule ubuyela eqenjini lakhe kwiSuperSport United,” kusho uDlamini.
Usuthu luphoxeke ekugcineni kwazise luqede endaweni yesishiyagalombili okusho ukuthi beluzogijima kwiTop 8 ngesizini ezayo kodwa ukulahlalwa yicala kwe-Ajax Cape Town ngokudlalisa uTendai Ndoro ophule imithetho yeFifa, kwenze iSuperSport yathatha indawo yaMaZulu kwiMTN 8.
“Okwamanje ithimba lethu labameli lisayidingida indaba yokuphuma kwiTop 8,” kusho uDlamini.