USEKHONJWA kuMaZulu FC umgadli weMamelodi Sundowns, uBongi Ntuli, obezama inhlanhla phesheya kwezilwandle.
Imenenja yalo mdlali, uMandla Mthembu, iveze ukuthi ixoxa noSuthu ngenhloso yokuthi asayine lingakavalwa iwindi.
UMthembu utshele Isolezwe izolo ukuthi ‘elinye’ lamaqembu axoxa nawo ngoNtuli osemabhukwini eSundowns ngaMaZulu, nathe nakuba engeke aqinisekise ukuthi uzogcina esayinile kodwa kusengamenyezelwa iqembu lakhe elisha noma yinini kusukela namhlanje.
“Kuliqiniso ukuthi sixoxa naMaZulu ngoNtuli kodwa kuseyizingxoxo ezingasho ukuthi uzosayina kuwona. Noma yinini kusukela manje iqembu elisha elizodlalelwa uNtuli lizomemezela mayelana nokusayina kwethu,” kusho uMthembu.
Isolezwe lizame ukuthinta AmaZulu khona izolo. Okuhlalukile ukuthi abaphathi bebenomhlangano othathe isikhathi. Ngesikhathi esifanayo noMthembu uke wangatholakala, ekhala ngokuthi usemhlanganweni, ecela intatheli ukuthi imbekezelele. Nokho kuthe seliyozilahla kunina uMthembu waxoxa naleli phephandaba.
Ngokuthola kweSolezwe izolo abaphathi boSuthu, okubalwa kubona nesikhulu esiphezulu uLunga Sokhela, bebenomhlangano odonse cishe usuku lonke emahhovisi aleli qembu. Nakuba kungacaci ukuthi bebexoxa ngani kodwa iphephandaba lingakuqinisekisa ukuthi bebedingida nodaba lukaNtuli.
UNtuli udume kwiLamontville Golden Arrows ngaphambi kokusayina kwiSundowns. AmaBrazilians agcine ngokumbolekisa emaqenjini ehlukene okubalwa kuwona iPlatinum Stars, ahlale kuyona amasizini amathathu, nakulona Usuthu.
Ngaphambi kokuqala kwesizini uNtuli ulibangise kwiDjurgardens yaseSweden eyozama inhlanhla. Nokho ugcine engasayinanga. UMthembu uthe okubekwe iDjurgadens etafuleni akubagculisanga neze.
Elinye iqembu okuthiwa lifuna uNtuli yiMaritzburg United. Uma engagcina esayinile uNtuli oSuthwini uzobanga ijezi no-Emiliano Tade, Mabhuti Khenyeza, Mhlengi Cele noSiyabonga ‘Bhele’ Nomvethe.
“Sinomlando omuhle noNtuli njengoba eke wadlala lapha eminyakeni edlule. Kodwa-ke akukho engingakusho ngalolu daba okwamanje,” kusho uBrilliant Mkhathini okhulumela AmaZulu.