Umdlali weCrystal Palace uNikola Tavares obizelwe eqenjini leBafana Bafana elizoyibamba kwi-Afcon kusukela ngoJuni 21. Isithombe: The South African

UMQEQESHI weBafana Bafana, uStuart Baxter, ngoLwesibili umemezele abadlali iNingizimu Afrika ezogadla ngabo kwi-African Cup of Nations ezoqala e-Egypt ngoJuni 21.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba eGoli ngoLwesibili uBaxter ukhumbuze izintatheli ukuthi ngokwakhe abadlali azobaqoka ngabasezingeni elifanele ukudlalela iBafana hhayi abadlali abasefomini emaqenjini abo.

“Kuhle ukuthi ngicacise ukuthi ukuba sefomini emdlalweni yakamuva eqenjini lakho akusho ukuthi usezingeni elifanele ukudlalela iBafana. Abadlali esibaqokile yilabo abasezingeni lokudlalela iqembu lesizwe,” kuchaza uBaxter. Kuvele ukuthi ukapteni weBafana neKaizer Chiefs u-Itumeleng Khune, onenkinga yehlombe, usazohlaziywa odokotela beqembu ukubona ukuthi ukulungele yini ukudlala kwi-Afcon.

UBaxter umemezele abadlali abawu-28, abasazojoyinwa uNikola Tavares (Crystal Palace, England) noJoel Unterese (FC Zurich, Switzerland). UBaxter usazonciphisa isibalo sabadlali sehlele ku-23. UBaxter uthe laba badlali bazobahlaziya ukuthi bazwana kanjani nabanye bakuleli kwazise abakaze bayidlalele iBafana. 

Iqembu elimemezelwe uBaxter:

Onozinti:

Darren Keet (Bidvest Wits ), Rowen Williams (Supersport), Bruce Bvuma (Kaizer Chiefs).

Abadlali basemuva:

Defenders: Daniel Cardoso (Chiefs) , Rivaldo Coetzee (Sundowns), Ramahlwe Mphahlele (Chiefs), Thulani Hlatshwayo (Wits), Innocent Maela (Pirates), S’Fiso Hlanti (Wits ), Buhle Mkhawanazi (Wits), Thamsanqa Mkhize (Cape Town City ).

Abadlali basesiswini:

Bongani Zungu (Amiens), Hlompho Kekana (Downs), Dean Furman (SS), Kamohelo Mokotjo (Brentford), Tiyani Mabunda (Downs), Thulani Serero (Vitesse), Thembinkosi Lorch (Pirates), Themba Zwane (Downs), Fortune Makaringe (Maritzburg), Ben Motshwari (Pirates), Keagan Dolly

Abagadli:

Lebo Mothiba (Strasbourg), Percy Tau (Royal St Union), Lars Veldwijk (Sparta Rotterdam), Lebogang Maboe (Downs), Sibusiso Vilakazi (Downs), Kermit Erasmus (CT City)