UMSHWIBI wamaProteas uDale Steyn ubona abashwibi beqembu lakuleli beshaya into ecokeme kakhulu uma beqhathaniswa nabakwamanye amazwe Isithombe: BACKPAGEPIX

UFAKELE ingcindezi iqembu lesizwe uDale Steyn ongumshwibi wamaProteas ohamba phambili ngokuthola amawikhethi emidlalweni yamaTest ngesitatimende asenzile ngemuva kokunqoba kwamaProteas umdlalo weTest yesibili nePakistan, eNewlands Stadium, eKapa.

AmaProteas, aphekwa ngu-Ottis Gibson, ayazenzela kwiPakistan emidlalweni yamaTest njengoba eyiphendula izimpuphu. Aqale ayishaya ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wokuqala, kwathi kowakamuva ayinenebula ngamawikhethi ayisishiyagalolunye.

Ngemuva komdlalo weTest yesibili, uSteyn uthumele umyalezo onzima kwamanye amazwe encoma abashwibi bakuleli ngokushaya into ecokeme njengoba bekhiphe iPakistan amahlandla amabili ezinsukwini ezine.

Abashwibi bamaProteas abagile izimanga bekhipha ngesihluku iPakistan uyena uSteyn, Kagiso Rabada, Vernon Philander noDuanne Olivier.

USteyn uveze ukuthi alikho izwe emhlabeni jikelele elinabashwibi abedlula abamaProteas. Ukusho lokhu nje uSteyn nonyaka kuzoba neNdebe yoMhlaba ezoba se-England naseWales. AmaProteas asezakhele igama elibi kwiNdebe yoMhlaba njengoba ehluleka ukunqoba lesi sicoco ekubeni enabadlali abahlonishwayo emhlabeni jikelele.

Lokhu sekwenze abaningi betha igama amaProteas, njengoba bewabiza “ngezehluleki” nxa kudlalwa umqhudelwano othathwa njengomkhulu kunayo yonke eminye, okuyiNdebe yoMhlaba.

“Ngokwami ukubona akukho abashwibi bakuleli abangenakho. UKG (esho uRabada) uyashesha, uVernon unesiphiwo esiyisimanga sokufunda umdlali obhethayo ukuthi ubuthaka kuphi, kanti uma ubuka uDuanne uyababa, kulezi nsuku wenza kahle. Nami angizikhipheli ngaphandle ngoba kuningi engikwenzayo, ikakhulukazi ngaphandle kwenkundla. Ngilekelela abanye ozakwethu ikakhulukazi izinto mase sezingahambi njengoba sihlelile. Ngibona sinabashwibi abasezingeni eliphezulu kakhulu. Ngempela ngempela ubani ongcono kunathi emhlabeni jikelele?” usho kanje sakukloloda uSteyn.

Umdlalo weTest yokugcina phakathi kwePakistan namaProteas uzoqala ngoLwesihlanu, eBidvest Wanderers Stadium, eGoli. Ngemuva kwalokho, la mazwe azodlala imidlalo emihlanu yosuku olulodwa, nemithathu ye-T20.

Njengoba amaProetas esehamba phambili ngo 2-0 kulolu chungechunge lemidlalo kubhekwe ukuthi kube khona abadlali abanikwa ithuba abangayidlalanga imidlalo emibili yokuqala.

Imidlalo yosuku olulodwa imi kanje:

Januwari 9: South Africa v Pakistan (St Georges Park, 1pm)

Januwari 22: South Africa v Pakistan (Kingsmead Stadium, 1pm)

Januwari 25: South Africa v Pakistan (SuperSport Park, 1pm)

Januwari 27: South Africa v Pakistan (Wanderers Stadium, 10am)

Januwari 30: South Africa v Pakistan (Newlands Stadium, 6pm)

EyeT20 imi kanje:

Febhuwari 1: South Africa v Pakistan (Newlands Stadium, 6pm)

Febhuwari 3: South Africa v Pakistan (Wanderers Stadium, 2.30pm)

Febhuwari 6: South Africa v Pakistan (SuperSport Park, 6pm)