UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, uyawubona umehluko owenziwa wukuba khona komlolongi obhekene ngqo nabadlali baphambili eqenjini.
Yize uMicho ezwakalise ukungenami kwabo ngokuyeka amathuba bebambana ngo 0-0 neMartizburg United kwi-Absa Premiership kodwa uwuncomile umsebenzi owenziwe nguStephane Adam.
Ngaphambi kokuthi afike u-Adam kweZimnyama iqembu bese liphenduke ihlaya abanye bebabaza ukugeja okuyisimanga kubagadli oThamsanqa Gabuza noJustin Shonga. Kodwa kamuva bese likwazi ukushaya amagoli.
Ngaphambi kokubambana neTeam of Choice, livalele phakathi amahlanu lidlala neLight Stars yaseSeychelles koweCAF Champions League. Kwiligi iPirates, ehleli esicongweni, ibalwa namaqembu aseshaye amagoli amaningi. Ishaye awu-16 emidlalweni ewi-14.
“Kungenzeka ukuthi nina bezindaba nabalandeli aniboni kodwa thina siyawubona umehluko, ikakhulukazi ekuzithembeni kwabadlali. Bayakwazi ukuzifaka ezikhaleni ngendlela efanele futhi nokuzethemba kwabo kuphezulu uma bephambi kwamapali, nokuthi ibhola balithinta kanye noma kabili. Siyithimba labaqeqeshi lokhu siyakubonga. Kodwa usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe njengoba kubonakele nanamuhla (ngoMgqibelo) ukuthi besikwazi ukuvula izimbangi kodwa kunalokho besilikhahlelela unozinti ibhola,” kusho uSredojevic.
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthi weneme ngomqeqeshi wabagadli kwiBucs
I-Pirates izodinga ukuthi ibe bukhali kakhulu kunakuqala ngoMgqibelo uma isidlala neBaroka FC kowamanqamu weTelkom Knockout eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngo-6 ntambama. Lapha izobe ibhekene neqembu elingakangenelwa ngamagoli kulo mqhudelwano. IBaroka idlale neLamontville Golden Arrows eyihlule ngo 2-0, iMamelodi Sundowns ethole isibhaxu esifanayo yase inqoba ngo 1-0 kwiBidvest Wits.
Izolo uMicho uphumuze abanye abadlali bakhe abebedlala neLight Stars ekuhambeni emlenzeni wesibili weChampions League. “Kukhona abadlali esizobaphumuza khona kuzofika umdlalo wamanqamu bewulungele,” kusho uMicho.
IPirates izobe ilwela indebe yayo yokuqala selokhu yadla isicoco seNedbank Cup ngo-2014.
Khonamanjlo iPirates ishaye iLight Stars yaseSeychelles ngo 3-1 emlenzeni wesibili weChampions League izolo ntambama. Lokhu kusho ukuthi eZimnyama ziwine ngo 8-2 sekuhlanganiswe imilenze yomibili.