UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas, uyayichitha eyokuba yisichuse kwephini lakhe uPatrick Mabedi, eligxekwa ngabaningi ngokwentula amaqhinga.
USolinas unengcindezi yokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena. Emidlalweni edlule uvumile ukuthi wenze amaphutha aholele ekutheni iqembu ligcine linganqobanga. Iphutha agcine egxekwa ngalo ngisho wumgadli uLeonardo Castro elokungavali emuva ngesikhathi bebhekene neBloemfontein Celtic emdlalweni ophele ngo 2-2 bekade sebehamba phambili ngo 2-0.
Lokhu kuqubule imibuzo ngomsebenzi kaMabedi uSolinas afikele kuyena. Ngesonto eledlule kuqubuke umsindo ngesikhathi iphini lomqeqeshi we-Orlando Pirates, uRulani Mokwena, lithi abadlali abasezingeni eliphezulu abasayiniswe yiChiefs bayakugqiba ukuntula ulwazi kwebhentshi layo. Sekuwumlando ukuthi iPirates ixebule iChiefs ngo 2-1 emuva kwale nkulumo.
USolinas uthe uMabedi uwusizo olukhulu kuyena.
“Ngijabule ngoMabedi, ungumfana olungile, uthembekile. Wayengukaputeni weChiefs, uyidlalele iminyaka ewu-10. Ulwazi alufakayo luhle kakhulu. UPatrick ungisiza kakhulu emsebenzini wami, unikeza abadlali iziyalo ezibalulekile ikakhulukazi abadlali basemuva ngoba naye wayedlala khona. Ngijabule ngendlela aziphatha ngayo nangomsebenzi awenzayo. UPatrick ucabanga okuhle kodwa ngeChiefs, akukho okubi,” kusho uSolinas.
Ngemuva kokusula kukaSteve Komphela ngesizini edlule, uMabedi ubambile njengomqeqeshi, wabeka Amakhosi endaweni yesithathu kwi-log ye-Absa Premiership nendawo kwiCAF Confederation Cup ezoqala ngenyanga ezayo. Nokho kuneqeqebana labalandeli bamaKhosi elikholwa wukuthi luncane ulwazi asiza ngalo uSolinas uma kuqhathaniswa lokufakwa nguMokwena kwiPirates eholwa nguMilutin “Micho” Sredojevic.
USolinas uthole ithuba lesibili lokuwinela indebe abalandeli beChiefs ngeTelkom Knockout emuva kokuhlulwa yiMTN8.
Amakhosi azobhekana neSuperSport United okuyiyona ewakhiphe kwiMTN8. Lo mdlalo wama-quarterfinal, unamuhla eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3 ntambama. IChiefs idlulele kuma-quarterfinal emuva kokuhlula iBlack Leopards sekushaywa amaphenathi. ISuperSport izodlala ngaphandle kukaBradley Grobbler nokaputeni uDean Furman.
“Le ndebe ibaluleke kakhulu kithina, ibalulekile kwiKaizer Chiefs. Lo mdlalo ubaluleke kakhulu. Unzima ngoba iSuperSport iyiqembu eliqinile. Idlala imidlalo yamanqamu sonke isikhathi. Emuva kowabakhaya, lona wumdlalo onzima. Kodwa lena yimpilo, yibhola. Kufanele sivuke sizithathe silwe, sizethembe. Kufanele ukholelwe kuwena ezimeni ezinzima lapho engekho okholelwa kuwena,” kusho uSolinas.
“ Kufanele siqine ngokomqondo ngoba iqembu elikhulu liyakudinga lokho. Lidinga abadlali nomqeqeshi oqinile ngokomqondo ngoba ingcindezi inkulu."