UKHALA ezimathonsi ngokulimala kukaJoseph Molangoane, umqeqeshi weKaizer Chiefs uGiovanni Solinas owine umdlalo wakhe wokuqala njengomqeqeshi waMakhosi.
IChiefs idlulele kowandulela owamanqamu weMTN 8 emuva kokwehlula iFree State Stars ngo 3-0 eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ebusuku. Amagoli alethe injabulo kubalandeli ashaywe nguDumisani Zuma, Leonardo Castro noKhama Billiat. USolinas ubekade esishintshile isikimu aqale ngaso emidlalweni yeligi emibili edlule adlale kuyona ngokulingana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns, wahlulwa yiBidvest Wits ngo 3-1. Kubadlali abathole ithuba lokuqala umdlalo kukhona uMolangoane, Zuma noSiyabonga Ngezane. Ukushaya into ecokeme kweChiefs kuphenduke usizi ngesikhathi uMakhehleni Makhaula weStars ephula uMolangoane esiwombeni sesibili. Ngaphandle kukaMolangoane, uSiphelele Ntshangase, ogcine eqokwe njengomdlali ovelele, akawuqedanga umdlalo ngenxa yokulimala eqakaleni.Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, uSolinas ubezwakala ukuthi ubambe izinyembezi.
“Ngijabule ngomphumela womdlalo kodwa ngiphatheke kabi ngomdlali wami. Kodwa lena impilo, linjalo ibhola. KuNtshangase akukubi kangako, ngikholwa wukuthi uzoshesha ukululama.Abadlali bami bashaqekile ngokulimala kukaMolangoane, abanye baphatheke kabi kakhulu. URama (Ramahlwe Mphahlele) kade ngikhuluma naye, ushaqekile. Balahlekelwe nguzakwabo, silahlekelwe ngumdlali obalulekile.Umlenze wakhe uphukile. Ngeke sibe naye isikhathi eside. Okubuhlungu ukuthi kade edlala umdlalo wakhe wokuqala kule sizini. Anginawo amagama okuchaza indlela engizizwa ngayo. Esingakwenza wukumbeka emkhulekweni,” kusho uSolinas ngosizi.
IChiefs ishaye into ecokeme, kubhoke uNtshangase, Billiat noCastro. Izinkonondo zabalandeli ngokudlaliswa kwabadlali abadala zizwakele kwazise bakujabulele abakubone enkundleni. IChiefs izovakashela iBaroka emdlalweni we-Absa Premiership ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo kusasa ngo-7.30 ebusuku.
“Lo mdlalo ubukade ubalulekile, owomkhumulajezi lapho kuwukuthi uyaqhubeka noma uyaphuma. Alikho ithuba lesibili. Sidlale kahle, sakha amathuba amaningi. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami. Manje kudingeka sisebenze kanzima, silungiselele umdlalo olandelayo, sinyuse izinga ngoba ngiyazi ukuthi sisengafinyelela kwelinye izinga. Abadlali sebeqala ukuyiqonda indlela engifuna sidlale ngayo kodwa kusekhona okufanele sikulungise. Ngesikhathi sihamba phambili ngo 2-0 bekufanele sigcine ibhola kakhulu kodwa besilisheshisa kungenasidingo,” kusho uSolinas.
Mayelana nomdlalo neBaroka uthe: “Kule ligi awukho umdlalo olula. Kule ligi wonke umdlalo yimpi. Alikho iqembu elilula. IBaroka iyiqembu elihle. Emdlalwen odlule ihlule iCape Town City ngo 2-1. ICape Town City iyiqembu eliqinile. Kuzoba wumdlalo onzima ikakhulukazi njengoba bekade bengadlali, bephumule. Ngaphezu kwalokho sizohamba, asikho isikhathi sokuphumula. Nginezinsuku ezimbili zokubheka iqembu lami, ngithathe isinqumo ngoba mhlawumbe sidinga ukushintshanisa abadlali. Kodwa ngifuna ukukhuluma nabadlali kuqala.”