UTHWESWE ijoka lokubuyisela iKaizer Chiefs esicongweni umqeqeshi omusha uGiovanni Solinas ogcine emenyezelwe njengozovala isikhala sikaSteve Komphela.
Emuva kwamasonto Amakhosi engaphumeli obala ngodaba lomqeqeshi ozowahola ngesizini ka-2018/2019, amemezele uSolinas wase-Italy njengozoshayela
umkhumbi waseNaturena izolo emini.
Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, ithe okwenze baqoke uSolinas ukuthi beyiqembu ubanelise ngakho konke abebekade bekudinga kumqeqeshi ozothatha lomsebenzi.
“Besishilo ukuthi sifuna umqeqeshi olaziyo ibhola lase-Afrika, oyiqondayo indlela abadlali baseMzansi abacabanga ngayo.
“Ngaphezu kwalokho besidinga umuntu ozosisiza ukusebenza nabadlali abasebancane. USolinas usenelisile ngakho konke. Izinto asinekele zona afuna ukuzenza, zisenze saqoka yena.
“Kumsebenzele
ukuthi useke wasebenza eNingizimu Afrika ngoba lokho kusho ukuthi uyakwazi okufanele akulindele,” kusho uMotaung.
USolinas (50) usayine inkontileka yeminyaka emibili enombandela wokuyivuselela ngowodwa naMakhosi.
Akamusha eMzansi kwazise uqeqeshe iFree State Stars amahlandla amabili phakathi kuka 2015 no-2017.
Okokuqala ushiye umsebenzi kwi-Ea Lla Koto ekupheleni kwesizini ka-2015/2016, wabeka izizathu ezithinta yena uqobo.
Ubuyile ngesizini ka-2016/2017 ezovala
isikhala sikaDenis Lavagne, wasizwa nguBradley Carnell, kodwa washiya ingakapheli.
Indawo yakhe ithathwe nguSerame Letsoaka. USolinas ushiye kwiStars emataniswa nomsebenzi kwi-Orlando Pirates emuva kokushiya kukaMuhsin Ertugral.
Naye ubekade esekuzwakalisile ukuthi uyafuna ukuqeqesha iPirates.
USolinas,owafikisa i-Ea Lla Koto kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, useke waqeqesha i-ES Setif neMC Oran okungamaqembu ase-Algeria.
Ugcine ukuqeqesha ngesizini edlule kwi-Al-Faisaly yase yaseSaudi Arabia ebikade idlalelwa nguTendai Ndoro.
USolinas unengcindezi yokuqeda isomiso sezindebe samasizini amathathu kwiChiefs.
UKomphela ushiye kuleli qembu engawinanga neyokubika indebe.IChiefs izodlala kwiCAF Confederation Cup ngesizini ezayo.
“Umbandela ucacile. Sifuna asisize siwine
izindebe, senze kahle
nase-Afrika.Siyamethemba ukuthi uzosifikisa lapho esifuna khona,” kusho uMotaung.
USolinas akabonakalanga ebhentshini leChiefs izolo ngesikhathi ibhekene neBuya Msuthu emdlalweni wokuqala weBokone Bophirima Maize Cup eJames Mohlatsi Stadium ngo-10 ekuseni ngenxa yokuthi usafake isicelo semvume yokusebenza eMzansi.
IChiefs ebivikela indebe yeMaize Cup iphinde yayinqoba futhi.