UMQEQESHI weKaizer Chiefs uveze ukuthi alikho iqembu alesabayo inqobo nje uma ezakhe zizodlala ngokuzethemba ezikukhombise ngesikhathi zikhipha iSuperSport United kwiTelkom Knockout ngempelasonto.
IChiefs inqobe ngo 1-0 wegoli likaRamahlwe Mphahlele elingene esiwombeni sokuqala eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Amakhosi athole leli goli ngemuva kwesigameko esishiye abanye bengeneme ngesinqumo sikanompempe uDaniel Bennett onikeze u-Itumeleng Khune ikhadi eliphuzi ngemuva kokudlala ibhola ngesandla engaphandle kwebhokisi.
Abanye babone uKhune efanelwe yikhadi elibomvu njengoba bese kunguyena kuphela obebhekene no-Aubrey Modida we-United.
Ngemuva komdlalo iChiefs iqhathwe nezimbangi i-Orlando Pirates emdlalweni owandulela owamanqamu weTelkom. Lo mdlalo ozoba ngempelasonto kaNovemba 24/25, uzofika ngesikhathi ezikaSolinas zisanda kuphoxwa yiBucs ezihlule ngo 2-1 kowabakhaya emdlalweni we-Absa Premiership.
Ngesikhathi uSolinas ebuzwa ngokuthi uzizwa kanjani ngalo mdlalo, uthe: “Emdlalweni wabakhaya ungalindela noma yimuphi umphumela, ngeke uqagule ukuthi uzohamba kanjani. Kodwa kulokhu sizoya ngokuzethemba ngoba abadlali bethu abamqoka baya bengena egiyeni (ngemuva kokulimala). Yebo kuzoba umdlalo onzima ngoba iPirates iyiqembu eliqinile kodwa uma iqembu lami lidlala kanje (njengoba lenzile kwi-United) alikho iqembu engilesabayo.”
USolinas uthe ujabule ngokuzimisela okukhonjiswe ngabadlali bakhe bebhekene naMatsatsantsa.
“Sikhombise ukulwa sidlala neSuperSport eqinile. Sidlale kahle esiwombeni sokuqala. Kwesesibili sikwazile ukumelana nengcindezi yabo.”
Kusasa iChiefs izobhekana neBlack Leopards emdlalweni weligi eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Amakhosi awahleli kahle kwi-log ngemuva kokulahla amaphuzu emidlalweni emibili edlule. Azithola esehlele endaweni yesikhombisa ngemuva kokwehlulwa iPolokwane City ngo 1-0 emdlalweni owawungenazibukeli eThekwini. Abe eselandela ngokushaywa iPirates.
“Kumele sikhohlwe (ukushaya i-United) sigxile emdlalweni wangoLwesithathu njengoba indawo yethu ingeyinhle kwi-log. Kumele sinqobe ukuze sibe sendaweni engcono. SiyiKaizer Chiefs sihlezi sidlalela ukunqoba,” kusho uSolinas.