ISINQUMO seFifa sokufuna isiqiniseko kwiSafa ngobunini baMaZulu FC kuletha inhlansi yethemba ngokubuya kwamaphuzu ayisithupha adliwe kuleli iqembu ezinyangeni ezimbili ezedlule.
AmaZulu aphucwe amaphuzu ngenxa yokungawugcini umnqamulajuqu wosuku lokukhokhela umdlali uPhineas Nambandi, imali yakhe ngokuphulwa kwesivumelwano somsebenzi ngokungemthetho.
Ngokuthola kweSolezwe ngeSonto abaphathi abasha benkampani iLyrastar Investments (Pty) Ltd osekuyiyona
engabanikazi baMaZulu ngemuva kokuthi
bethenge ilungelo leThanda Royal Zulu lokudlala kwiPremiership, bazithethelela ngokuthi bona abahlangane nokwakwenzeka ngaphansi kwenkampani eyayibizwa nga-AmaZulu Football Club (Pty) Ltd.
ULunga Sokhela oyimenenja jikelele
yeqembu, weseka abaphathi abasha ngokuthi kunenkampani entsha neqembu elisha okungahlanganise lutho nenkampani endala.
“UNhlangano
(umfowabo omncane kaLunga) Sokhela ungusihlalo wenkampani iLyrastar Investment (Pty) Ltd okuyiyona engumnikazi weqembu.
“Mina ngiba usihlalo wemihlangano yesigungu esiphezulu uma kunemihlangano,”
kuchaza uSokhela ngomqhafazo.
Uphinde waveza ukuthi ngisho ukukhokheleka kwalo mdlali kwenziwe inkampani endala okungaMaZulu Football Club (Pty) Ltd.
“Siyethemba ukuthi khonamaduze nje sizothola impendulo eqhamuka kwiFifa ngale ndaba nokuthi mhlawumbe isinqumo sizovuna inkampani entsha,” kusho uSokhela.
UTeboho Motlanthe, obhekene nezomthetho kwiSafa ukuqinisekisile ukuthi iFifa yacela kubona ukuba bayithumelele isiqinisekiso sobunikazi ngaMaZulu.
“Kuliqiniso ukuthi
iFifa yasithumela incwadi lapho yayisicela khona ukuthi siyinikeze isiqinisekiso sobunikazi ngaMaZulu.
“Sabe sesicela wonke amaphepha akhomba ubunikazi ngawo,
asinikeza, sawathumela kwiFifa,” kuchaza uMotlanthe.
Ebuzwa ngokuthi ngabe uwabona kanjani amathuba okuguqula isimo uthe ngeke asho lutho kuphela akulindelwe isinqumo seFifa.
“Thina sikwenze
konke obekufunwa
yiFifa ngakho asilindele isinqumo sayo esisha ngale ndaba.
“Kunge-nzeka ibuyele
kithina isisibu-yekezile isinqumo sayo esidala noma ithi ayigudluki kwesidala,” kusonga uMotlanthe.
Ingwadla yokwemukwa kwaMaZulu kwamaphuzu kuholele ekutheni
kube yiwona ayivale emathukwini kwilog yePremierhip nokungenza azithole esegcina esemkhankasweni
wokuvika izembe uma kuze kuphele unyaka esahlezi kule ndawo ngamaphuzu amathathu.