AKAZISOLI nakancane ngakubhala ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi ku-Twitter, uLunga Sokhela, oyimenenja jikelele kuMaZulu FC. Lesi sikhulu sithe esikubhala ezinkundleni zokuxhumana kuba wombono waso, futhi kumele sihlonishwe kulokho ngoba kuyilungelo laso.
USokhela usenakho ukushiya abantu bebambe ongezansi ngakubhalayo ku-Twitter. Phakathi kwezinto azibhalile zasusa ukukhuluma udaba lokweseka kwakhe usihlalo wePremier Soccer League (PSL), U-Irvin “The Iron Duke” Khoza, nalapho khona alibeka ngembaba elokuthi akekho oyoke aphathe iPSL ngaphandle kukaKhoza.
Kukhona nalapho ekhuluma ngosopolitiki baseNingizimu Afrika, ngakucabangayo ngabo. Ayisali nenkulumo lapho eshiya angalazi kumsakazi weMetro FM, esola le ntokazi ngokucwasa ngokobulili. Uphinde washiya angalazi kwenye yezintatheli ebibhale udaba oluthi Usuthu lucela usizo kwiPSL ngesigwebo esinzima elusithole kwiFifa nalapho leli qembu liphucwe khona amaphuzu ayisithupha. USokhela ubize umbiko wale ntatheli ngombhedo.
Okucacayo ngazo zonke izinkulumo azibhalayo ukuthi uyazimela, ngoba kukhona abazama ukumphendula, abase lapho befuna khona.
Ngesikhathi Usuthu lunomdlalo wesihle neMamelodi Sundowns emqhudelwaneni waminyaka yonke, iPrince Mangosuthu Legacy Cup, Olundi, leli phephandaba lithole ithuba lokubuza lesi sikhulu ngelikubhala ku-Twitter ukuthi ngabe akusakheli yini izitha.
“Izinkundla zokuxhumana sizisebenzisela ukuveza indlela esizizwa ngayo. Kungenzeka umuntu asho izinto ezicika abanye abantu, abanye bathathe izinto ngesinxele ngenxa yokusuke kubhaliwe. Ekugcineni sonke sinelungelo lokusho esikuthandayo. Sivumelekile futhi ukusho nxa kukhona okungasijabulisi. Akithina sonke esiyizingelosi,” usho kanje uSokhela. Uvumile ukuthi kuyenzeka ukuhluthuka kwenhliziyo kumenze abhale ngendlela azizwa ngayo ngaleso sikhathi.
“Kuyenzeka ukuthi umuntu athathe ngokudinwa, abhale ngaleyo ndlela kepha ukugcineni kufanele siqonde ukuthi abantu bayohlezi bengabantu. Uma kukhona izinto ezingezinhle ezenzeka eqenjini, lokho kuyangidina,” kusho uSokhela.
Usuthu luzodudulana ne-Orlando Pirates emdlalweni weTelkom Knockout (TKO), kuma-quarter final, ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium ngo-6 ntambama.