UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana ozokube eyiphini likaHamad Kalkaba Malboum, ongumengameli weConfederation of African Athletics (CAA), kwi-IAAF Continental Cup uhalalisele uCaster Semenya noLuvo Manyonga ngokuhlabana kwiDiamond League.
Lo mqhudelwano osongwe ngoLwesine eZurich eSwitzerland uSemenya noManyonga bathole uR728 967 umuntu ngamunye.
USemenya ovikele isicoco sakhe okwesibili uzobe ongomunye wabagijimi okulindeleke baphakamisele phezulu ifulegi laseNingizimu Afrika emqhudelwaneni ose-Ostrava, eCzech Republic ngoSepthemba 8-9. Uzowundlalela ngokusasa nge 1000m azogijima kuyo kwi-Istaf Berlin lapho athola khona indondo yegolide ngo 2009.
“Siyanibongela ngomsebenzi oncomekayo eniwenzile. Sibonga nabaqeqeshi ngokusebenza kanzima. Sizwakalisa injabulo yethu nakubagijimi abebekade beyibambe kwiDiamond League ngoba nifinyelele kuleli zinga ngenxa yokuzimisela kwenu. Bekuwumshawushile womqhudelwano ohambe ibanga elide nolethe isivivinyo kubagijimi,” kusho uSkhosana.
UManyonga odle ubhedu kwilong jump ngeke abekhona e-Ostrava ngenxa yokuthi akanqobanga kwiCAA African Senior Championships abese-Osaba, eNigeria.
Ephawula ngokuqokwa kwakhe uthe: “Lokhu kuchaza ukuthi liyabonakala igalelo le-ASA ebalazweni i-Afrika ngoba empeleni nango 2014 kwakufanele ngihole iqembu lase-Afrika kodwa kwaphinde kwakhona okungivimbayo.”
Uthi mayelana nenani labadlali abaqhamuka eNingizimu Afrika, abaqokwe ngezinga labo abalikhombisa eNigeria, akeneme ngaso kodwa futhi akakhonondi ngoba ngumthetho obulandelwa ngesikhathi kuqokwa obenze bagcina bekhiphe abagijimi abawu-20 kwabawu-74 abazobe bemele elengabadi kulo mqhudelwano.
“Ukube bekungalendelwa uhlelo lokuthi akuqokwe umgijimi oyedwa izwe ngalinye, ngabe kukhulunywa ukuthi sibe nesibalo esingaphezulu kwalesi. Uma ubheka izindondo esibuye nazo e-Asaba, ziwu-30 kulezo ezithole yiKenya eziwu-19.
“Angingabazi futhi anginalo uvalo ekutheni sizokwazi ukuthola indondo yize sizokube sibhekene namazwekazi amathathu aziwa ngokuba nezinkunzi zabasubathi," kubeka uSkhosana.
Uthi lapha ubala amazwekazi afana ne-Europe, America kanye ne-Asia, eselikhuphule kakhulu izinga.Nakuba lomengameli ephawula kanje ngamazwe angase abe umgoqwane, endleleni ye-Afrika, uphinde abeke amathemba emkhubeni ojwayele ukwenziwa yi-America wokuqatha isiqokwe okunikezelwana ngaso (Relay).
“Ukuqikelela ekutheni konke nikwenza kahle ngokunikezelana ngesiqokwe ngoba uma nike naphazama niyakhishwa emzileni noma kuhoxiswe ukubamba kwethu iqhaza kulowo mjaho uma kubekhona iphutha elibanjwe imishini esuke ithwebula umjaho, okungamaphutha jwayele ukubamba
i-America."