Ezemidlalo

Usizi kwiCity kuphuma iSuperSport engozini yezembe

Mthokozisi Mncuseni|Published

U-ANDRE Arendse oyibamba lomqeqeshi kwiSuperSport United noStan Matthews oyisikhulu esiphezulu kuleli qembu nezinyembezi zenjabulo ngesikhathi begwema ukuyodlala kweyokuhlunga ngokubambana neGolden Arrows

Image: BACKPAGEPIX

SuperSport Uinted (1) 1

Golden Arrows (1) 1

PHAKATHI kwamadoda abekhihla esikaNandi ngenxa yenjabulo amanye eqabulana esidlangalaleli, ibamba lomqeqeshi weSuperSport United u-Andre Arendse livumile ukuthi bawunyomfile umdlalo wabo weBetway Premiership neLamontville Golden Arrows ngenhloso yokugcina igunya labo lapho kunoju khona.

ISuperSport ikhombise zisuka ukuthi ihlele ukubambelela ku 1-1 womdlalo wayo ne-Arrows owamiswa ngoFebhuwari ngenxa yokucisha kukagesi.

Izolo emini kuqedelwe imizuzu engu-45 eyasala kwangabakhona iqembu elibona lapho kugxunyekwe ngakhona amapali eLucas Moripe Stadium, ePitoli.

Lo mphumela ushovela iCape Town City kweyokuhlunga namaqembu amabili azocaca ngemuva kwesinqumo esizokhipha umakhonya weMotsepe Foundation Championship othinta iDurban City, JDR Stars, Cape Town Spurs nomahluleli weSouth African Football Association (Safa).

“Kube yimizuzu engu-45 emide nenzima ukuyedlula yonke empilweni yami,” kusho u-Arendse kwiSuperSport.

Lo mqeqeshi ebezizehlela izinyembezi kuyena nesikhulu seSuperSport, uStan Matthews, uthe abakwenzile akuyona indlela abayijwayele kodwa bebephoqekile.

“Ngiyavuma siwunyomfile umdlalo kodwa isimo besiphoqa ngoba ingozi yokulengela ezembeni kweSuperSport ibingaphezulu kwebhola esikholelwa ekulidlaleni.

“Bekuphoqa ukuba sihlenge igunya leSuperSport lokudlala esigabeni esikhulu,” kusho yena.

UMatthews obelokhu emqabule njalo u-Arendse, utuse abadlali nabaphathi beqembu.

“Ngikhaliswa yinjabulo ngoba ngiyaqonda ukuthi miningi kangakanani imisebenzi ehlengwe yilo mphumela,” kusho yena kwiSuperSport.

“Sibe nesizini enzima uma uqhathanisa nawaseminyakeni edlule kodwa ngoba sisindile ezembeni nakanjani sizobuya ngeshodi ngezayo.

“Ngaphandle kokuzinikela kwabadlali nemihlomulo ebesiyibekelwa abaphathi angicabangi ukuthi besizophumelela ukuzuza lokhu esikuthole kule sizini,” kusho uMatthews.

Kuningi okukhalisile ngokuqhubeka kwalo mdlalo ekubeni wamiswa ezinyangeni ezintathu ezedlule kulandela ukucima kukagesi sekufanele kuqale isiwombe sesibili. 

Okudala imvunge wukuthi ngo-2021, iPremier Soccer League (PSL) yachibiyela umthetho wayo lapho yayikubeka khona emahlombe eqembu lasekhaya ukuqinisekisa ukuthi lihlale linayo indlela yokubhekana nanoma yisiphi isimo ngaphandle kwesingeke sigwemeke njengesimo sezulu.

Ngokwalo mthetho, lo mdlalo kwakufanele uphindwe zingakapheli izinsuku ezimbili okungenye yezizathu kunamahlebezi okuthi amaCitizens aweneme ngokubuyiselwa kwalo mdlalo enkundleni.