USHIYWE ngaphandle engaziswanga umakadebona weBanyana Banyana, uMpume Nyandeni, obekade elobizela ukuyodlala koweNdebe yoMhlaba yokuqala yeqembu lesizwe
lakuleli.
UNyandeni (31), oyibamba enkabeni yenkundla, usedlale kwiBanyana imidlalo engaphezu kuka-100.
Ubekade ekhona ngesikhathi leli qembu lizibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba, lihlulwa kowamanqamu e-African Women Championships yiNigeria nyakenye.
Ngaphambi kwalo mqhudelwano uNyandeni utshele leli phephandaba ukuthi ufuna basebenze ngokuzikhandla beyiqembu ukuze azodlala koweNdebe yoMhlaba ngoba izinsuku zakhe ebholeni sezibaliwe. Nakuba lifezekile iphupho lakuthi iNingizimu Afrika idlale koweNdebe yoMhlaba kodwa lishabalele elokudlala kulesi sigaba.
UNyandeni ushiywe ngaphandle esikwatini sabadlali abangu-23 abazomela elakuleli eFrance ngenyanga ezayo.
Kuvelile esithangamini nabezindaba ukuthi uNyandeni akaziswanga ngokushiywa kwakhe esikwatini ngaphambi kokuba sinekelwe umphakathi. Ngokujwayelekile abadlali ababiziwe nalapho abazosala ngaphandle bayatshelwa ngaphambi kokuthi kwaziswe izwe lonke.
Ngaphambi kokumemezela isikwati ngoLwesihlanu, umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, uqale wachaza ukuthi kukhona abazophoxeka ngokusala ngaphandle.
Ebuzwa ngoNyandeni uthe: "Ngishilo ukuthi abanye abadlali bazophoxeka ngokungafakwa eqenjini futhi kukhona abanye esibathole sekuhambe isikhathi.
"Ngibanikile abadlali ithuba lokukhombisa ukuthi bafuna ukuba seqenjini.
"Abanye bakukhombisile lokho ngaphezu kwabanye. Kodwa ngingakhetha ukuthi ningibuze ngabadlali abaseqenjini.”
Ubuye washintsha wathi: "Angikakhulumi noMpume. Sibuye ngoLwesithathu kwathathwa isinqumo sokumemezela iqembu. Kodwa ngizokhuluma naye, bengike ngakhuluma naye.
"Bekuzoba ngcono ukuba sikhulume ngaphambi kokumemezela iqembu. Kodwa ngendlela izinto ezenzeke ngayo bekungeke kwenzeke.”
KoweNdebe yoMhlaba iBanyana iseqoqweni uGroup B lapho iqhathwe khona neChina,Spain neGermany. Elakuleli lizovula neSpain ngoJuni 8.
“Sidlalile neChina ngo-2016, inomqeqeshi omusha manje. IGermany nayo inomqeqeshi omusha obekade eqeqesha iSwitzerland bahlulwa yiNetherlands kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Abanye babadlali bethu banawo amava okudlala eyamazwe kwazise badlale kuma-Olympics, abanye bawadlale elandelana. Kukhona nabanamava okudlala koweNdebe yoMhlaba ka-U/17,”kusho * -Ellis.