ISITOBHA esisha seKaizer Chiefs, uNkanyiso Shinga, siveze ukuthi kufezeke iphupho leminyaka ngokusayina kuleli qembu kwazise sikhule singumlandeli wokuqina waMakhosi.
UShinga (25) owazalelwa eMlaza, ufike kwiChiefs esuka kwi-Alverca yasePortugal kanti useke wadlala nakwi-Estrela Amadora, SC Covillha, Estrela U/23, Juve.Evora, Pinhalnovense, Vitoria FC U/23 neSetubal U/19.
IChiefs eqede ngaphandle kwe-Top 8 ngesizini edlule, iseNetherlands lapho izicijela khona ukuqala kwesizini entsha yeBetway Premiership. Izodlala umdlalo wesine wobungani namuhla nePEC Zwolle ngo-7 ntambama, eSportpark Ezinge.
Amakhosi asekhale ngaphansi kuyona yonke eyokuzwana amandla ayidlale neVitesse, FC Utrecht neNEN Nijmegen ngokwahlukana kusukela efike eNetherlands.
UShinga, ongomunye wabadlali abasha kuMakhosi, wenabe ngempilo yakhe nangokuthi kwenzeke kanjani ukuthi agcine esedlalela elinye lamaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni lase-Afrika.
“Kwakuvele kuyiphupho lami ukudlalela iChiefs, ngakho-ke ngesikhathi mina ne-agent yami sithola ucingo oluvela kuyona akuzange kudingeke isikhathi esitheni sokucabanga,” kusho uShinga.
“Ngingumlandeli weChiefs ogcwele. Umndeni wami uyazi ukuthi iChiefs ngiyizwa ngaphakathi, ngakho-ke kwakungeke kubenzima ukuqoma uma iqembu engikhule ngililandela lingishela.
“Ngiqale ukudlala emazingeni aphansi eMlaza okwalandelwa wukuthi ngijoyine i-KZN Academy engangihambe nayo ePortugal ngesikhathi ngithola amadlelo aluhlaza.
“Ngangineminyaka engu-18 ngesikhathi ngikhethwa wu-U/19 weSertubal. Ngihlale iminyaka eyisikhombisa ePortugal ngidlala kumaligi ahlukene nangokwezigaba okuyinto engenza ngizethembe ngokuthi ayikho iligi engingeke ngidlale kuyona."
Kubadlali agijime nabo kwiKZN Academy ugqamise uThabo Cele alixova naye kwiChiefs noSiphephelo “Yaya” Sithole osePortugal kodwa ogqame kwiBafana Bafana. ENaturena uShinga unengcindezi yokudla ijezi kubadlali abanamava okubalwa kubona uReeve Frosler obuye adlale emuva kwesokudla, Bradley Cross noPaseka Mako obedlalela i-Orlando Pirates. Kulindeleke ukuthi abalandeli beChiefs bambone okokuqala uma isibhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana emdlalweni weToyota Cup ozoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoJulayi 26.
"Engikwaziyo wukuthi abantu baseThekwini bayayiphumela iChiefs, ngakho-ke nakulo mdlalo silindele okufanayo. Ngizokujabulela ukudlala eMoses Mabhida kodwa okumqoka kunakho konke wukugcina inkomishi ekhaya ukuze siqale isizini entsha ngomgqigqo odingekayo,"kusho uShinga.
Umdlalo weChiefs neKotoko uzovulelwa ngowezinkakha zeChiefs, nezaKwaZulu-Natal, iZulu Kingdom Legends.
Amathikithi atholakala eShoprite, Checkers, Usave nakuma-website okungeyeKaizer Chiefs, Open Tickets nakweye-Computicket. Abiza u-R80.