IKAIZER Chiefs isiqinisekise izindaba zokushiya kwenkakha yomdlali uSiphiwe Tshabalala osejoyine iqembu laseTurkey, iBB Erzurumspor.
Lo mdlali ojoyine iChiefs ngo-2007 esuka kwiFree State Stars ushiya leli qembu ngemuva kwemidlalo ewu-372, ashaye kuyo amagoli awu-58. Igoli lakhe lokugcina kube yingcwenga ye-free-kick ayishaye emdlalweni weChiefs neBaroka FC owaphela ngo 1-1 ngo-Agasti 14.
UTshabalala (33), owaqopha umlando ngokushaya igoli lokuqala kwiNdebe yoMhlaba eyayikuleli ngo-2010, unqobe inqwaba yezicoco ePhefeni. Unqobe isicoco seligi kabili, iTelkom Knockout kathathu, iMTN 8 kabili neNedbank Cup kanye.
Ephawula ngokujoyina i-Erzurumspor uTshabalala uthe: “Bekuhlezi kuyisifiso sami ukudlala phesheya, ikakhulukazi e-Europe, futhi angikaze ngikufihle lokho. Kumele ngabe kade kwenzeka kodwa ngicabanga ukuthi uMdali ubenecebo lakhe. Ngikuthokozele kakhulu ukuthi uNkulunkulu unginikeze ithuba elikhulu kangaka lokuyoveza ikhono lami e-Europe.”
“IKaizer Chiefs iyingxenye yami enkulu futhi iCheifs Village kuyohlezi kuyikhaya lami neqembu lizohlala enhlizweni yami. Kuyiphupho lami ukudlala umdlalo wami wokugcina kwiKaizer Cheifs ngaphambi kokuwagaxa emgibeni.”
Isikhulu seChiefs, uKaizer Motaung sithe bamufisela okuhle kodwa uTshabalala.
“Uyohlezi engomunye wethu,” kusho uMotaung.
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) August 28, 2018
Shabba leaves for Turkey
Captain, Siphiwe Tshabalala is leaving Kaizer Chiefs to join Turkish Super Lig side BB Erzurumspor
“I want to thanks the supporters for their Love & Peace. It has been a great ride for almost 12 years. I have enjoyed every minute of it” #ThankYouShabba pic.twitter.com/KzO0Mbs5UD
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) August 28, 2018