USWELE umgodi wokucasha uSiphiwe "Shabba" Tshabalala ngesikhathi kuba nguyena kuphela ogeja iphenathi kubadlali abayishumi abawathathile okuholele ekutheni iqembu lakhe i-Erzurumspor likhishwe ama-amesha emzuliswaneni wesithathu weTurkish Cup.
Izinkinga zimlandele uShabba eTurkey kwazise namanje usazama ukuzifaka enhliziyweni yomqeqeshi. Ngempelasonto uShabba ufakwe sekusele imizuzu embalwa ukuthi umdlalo uphele koweligi kodwa kwakhethwa yena futhi ukuthi aphume ngesikhathi sekunozakwabo okhishwe ngekhadi elibomvu.
Kuze kube yimanje iqembu likaShabba lisaphumelele ukuqoqa amaphuzu ayisikhombisa kuphela emidlalweni yeligi eyishumi. Lokhu kubeka i-Erzurumspor emsileni kwi-log yesigaba esikhulu sakuleliya lizwe. Kulo mdlalo ezikaShabba zishaywe ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi umdlalo kade uphele kungu 1-1.
Leli qembu elishaye i-Erzurumspor lihleli endaweni yesikhombisa esigabeni esiphakela isigaba esikhulu.
Yize ekhishwe esanda kufakwa ngempelasonto uShabba, uqale umdlalo wakhe wesithathu wesithathu kusukela eshiye kwiKaizer Chiefs ezinyangeni ezedlule.
Ngemuva kokuthi umdlalo uphele kungu 0-0 esiwombeni sokuqala, i-Erzurumspor ilibeke enethini ngomzuzu ka-60 kodwa lokhu akuzange kuyiwelisele ngaphesheya njengoba izivakashi zilinganise ngomzuzu ka-90. Kuthe uma zidlulela kwi-extra time ama-amesha alibeka enethini ngomzuzu ka-118 obekubukeka sengathi kuzoba ilona igoli lokuwina.
Esikhathini somusa kanondweba iqembu lasekhaya lilidumise enethini okuholele ekutheni ziwelele ekukhahlelweni kwamaphenathi. UTshabalala unikwe ukuba athathe iphenathi yesibili.
Kubona bonke abadlali abawu-10 abathathe amaphenathi zinhlangothi zombili, uTshabalala kwaba uyena yedwa oyishwebayo. Umdlalo uphele kungu 5-4 ngoba ama-amesha awadumise enethini wonke awawo yaphuma kanjalo kwiTurkish Cup i-Erzurumspor.