ABATHANDI bebhola likanobhutshuzwayo kuleli bazobona uTeko Modise elihlikihla okokugcina ibhola elikhokhelwayo kule mpelasonto ngemuva kokumemezela ukuthi usewagaxa emgibeni.
Lezi zindaba ziqinisekiswe yiCape Town City FC ekhasini layo kuTwitter ngoLwesihlanu ekuseni lapho evalelise khona kubalandeli baleli qembu kwi-video.
Uthe ukuziqeqesha neqembu kuleli sonto bekungekho lula ngoba ubengazi noma ajabule noma akhale njengoba umdlalo waleli qembu neBlack Leopards kusasa kuzoba umdlalo wakhe wokugcina.
“Kwakuhlezi kuyiphupho lami ukuthi ngidlale ibhola elikhokhelayo. Inkundla yiyona ndawo engizizwa ngijabule kuyo,” kuchaza uTeko oneminyaka ewu-36.
Uthe udeda ngethemba lokuthi kunomunye umdlali ofanelwe wukuthatha indawo yakhe ngoba yena usekuzuze konke ayefisa ukukuzuza ebholeni kuleli.
Thank You Teko. #NewChapterBegins
— Cape Town City FC (@CapeTownCityFC) May 10, 2019
UModise ubalwa nabadlali basesiswini abaseqopheleni eliphezulu asebeke bayibamba ebholeni kuleli. Uqale ukudlala ibhola kwiCity Pillars ngaphambi kokuthi athengwe yiSupersport United ngo-2006.
Usuke kuMatsatsantsa wajoyina i-Orlando Pirates lapho afika azakhela khona igama waba umdlali owayebhekwe ngabomvu kwiBafana Bafana edlale kwi-2010 Fifa World Cup. Udlalele iqembu lesizwe kawu-66, elishayela amagoli ayishumi.
Ngo-2011 kuya ku-2017 uModise ubesegijima kwiMamelodi Sundowns lapho anqobe khona isicoco seligi kabili, iCaf Champions League neCaf Super Cup.
Ngemuva kwalokho ujoyine iCape Town City anqobe nayo iMTN 8 ngo-2018.
Landela lolu daba kwiSolezwe ngoMgqibelo kusasa.