UMBULELO “Old John” Mabizela ugcine ewuphendulile umbuzo athi baningi abebemhlupha ngawo wokuthi ngabe usalidlala yini ibhola?
Izolo lesi sitobha, elingangatshazwa ithalante laso enkundleni, siphumele obala sasho ukuthi sesithi khumu njengomdlali kanobhutshuzwayo.
UMabizela (37) wagcina ukubonakala enkundleni ngo-2015 eyibamba kwiRoyal Eagles edlala kwiNational First Division.
Kusukela lapho alikho iqembu adlale kulona, okusho ukuthi sekuphele amasizini amabili kungacaci ukuthi usazimisele ngokudlala noma cha.“Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi. Bese ngihlale isikhathi eside ngingadlali futhi nabantu uma ngihlangana nabo bebengibuza ukuthi ngisazodlala yini. Ngemuva kokucabanga kahle ngibonile ukuthi angiphumele obala ngisho ukuthi sengiwagaxa emgibeni amakhokho. Ekuhlaleni kwami kube nzima ukuthi ngithole umsebenzi ekubeni isikhathi siyahamba, uma usuneminyaka engu-36 ngokwaseNingizimu Afrika usuke usumdala,” kusho uMabizela.
Uthe yize ethathe lesi sinqumo ngokwakhe uyazizwa ukuthi usengayibamba enkundleni.
“Kimina ngaphakathi ngiyazizwa ukuthi ngisangadlala yikhona ukuthi amathuba omsebenzi abengaveli ikakhulukazi kule minyaka esengikuyona kuzoba nzima kakhulu ukuwuthola,” kusho uMabizela.
UMabizela wadonsa iso lezinhloli ze-Orlando Pirates eyibamba kwiMaritzburg City kwiSafa Vodacom League idlala kweyokuhlunga eMpumalanga ngo-2001. Ngalawo nyaka eqenjini elalibophele noJimmy Tau bakhuphukela kwiNFD.
Ube esethathwa eZimnyama afike kuzo waba umdlali omncane oseke waba ngukaputeni wazo.
UMabizela ube ngumdlali weBafana Bafana nakhona wafika wagixabezwa ngebhande. Elinye iqembu abe ngukaputeni walo iBidvest Wits.
Ebuzwa ukuthi ngabe yini abona ukuthi imenze isethenjwa ngebhande, uthe: “Ngicabanga ukuthi indlela ebengiziphatha ngayo enkundleni. Indlela ebengikwazi ukukhuluma ngayo nozakwethu ngikwazi nokuhlela ngayo udonga futhi kube yimina engihamba phambili ikhona okungenze ukaputeni.”
Esuka kwiPirates ngo-2003 ujoyine iTottenham Hotspur edlala kwi-English Premiership. Leli qembu lambona kade linomdlalo wobungani neBucs ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2003/2004.
Ngonyaka olandelayo iSpur iyinqamulile inkontileka yakhe esolwa ngokungaziphathi kahle. Washiya enemidlalo eyisishiyagalolunye eshaye igoli elilodwa bebhekene neLeicester City elisabatshazwa namanje.Esebuya kuleli usayine neMamelodi Sundowns nakhona uke wamiswa iSAIDS izinyanga eziyisithupha esolwa ngezidakamizwa. Udlalile kwiPlatinum Stars nakuMaZulu FC ngaphambi kokuphelela kwi-Eagles. Uthe lude kakhulu udaba olwenza wahlukana naleli qembu laseMgungundlovu.
“Angikathandi ukukhuluma ngalo,” kusho yena.
Njengamanje uthe umatasa nomsebenzi awenza kwiWhizzkids United Health Academy, okuyinhlangano yaseMphithi eluleka izingane ngempilo, kuphinde kuvundululwe ikhono lebhola.
KAFUSHANE NGOMABIZELA:
Amagama: Mbulelo Old John Mabizela
Usuku lokuzalwa: 16 Septhemba 1980 (37 weminyaka)
Indawo azalezwe kuyona: EMgungundlovu
Ubude bakhe: 1.78 m
Indawo abeyidlala: Emuva maphakathi, emuva kwesokudla, enkabeni yenkundla
AMAQEMBU AWADLALELE:
IminyakaIqembuImidlalo(amagoli)
2000-2001Maritzburg City37(6)
2001-2003Orlando Pirates51(4)
2003-2005Tottenham Hotspur7(1)
2005-2006Vålerenga6(0)
2006-2008Mamelodi Sundowns16(0)
2009-2011Platinum Stars34(0)
2011-2012Bidvest Wits28(2)
2013Chippa United10(1)
2013-2014Black Aces14(1)
2015AmaZulu12(4)
2015-Royal Eagles