KUPHELE ukuqagela ngekusasa lomdlali waseBrazil uPhillipe Coutihno omenyezelwe njengomdlali omusha weqembu laseGermany iFC Bayern Munich.
UCoutihno (26) ubolekiswe kwiBayern ngenkontileka yonyaka owodwa enombandela wokuthi izomthenga ngo-120 million euros uma edlala kahle. IBayern izokhokha iholo likaCoutihno iphinde ikhiphe imali engu-7.8 million ukuze imthenge ngokugcwele kule sizini.
Esitatimendeni esikhishwe iBayern München, uCoutihno uchaze ukusayina kuleli qembu njengesinqumo esihle wagcizelela nokuthi usalangazelele ukunqoba izicoco.
"Ukusayina kwiBayern kuchaza ukuthi ngizothola inselelo ehlukile ezweni elisha kanti ngizodlalela elinye lamaqembu amakhulu e-Europe. Angisakwazi nokulinda. Kuningi engisafuna ukukunqoba futhi uma sisebenza njengeqembu, kuseningi esingakuzuza," kusho uCoutihno.
UCoutihno usayiniswe yiBarcelona evela kuLiverpool ngo-2018 lapho azakhele khona igama ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi. Izinto azihambanga kahle kwiBarcelona njengoba lo mdlali ebengasitholi isikimu waphinde waxabana nabalandeli beqembu ngesikhathi evala izindlebe zakhe ejabulela igoli alishaya behlula iManchester United kuma-quarterfinals e-UEFA Champions League ngesizini edlule.
Lukhulu olulindeleke kuCoutinho kwiBayern Munich kwazise unikezwe unombolo 10, obugqokwa yiqhawe leqembu u-Arjen Robben, osewagaxe emgibeni. Kulindeleke ukuthi afukule iqembu eliqale isizini ngebatha lidlala ngokulingana ngo 2-2 libhekene neHertha Berlin kumdlalo wokuqala weligi kanti sekuneminyaka lingabalwa namaqembu asembangweni we-EUFA Champions League.