UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMulitin “Micho” Sredojevic, uvule izandla ngokutholelwa ukaputeni weBidvest Wits uThulani Hlatshwayo osekuphele isikhathi emataniswa naleli qembu.
Kungenzeka ukuthi ukuvela kwamahlazo ngodonga lwe-Orlando Pirates ngesikhathi ixetshulwa yiSuperSport United ngo 3-0 kowe-Absa Premiership kwenze kwasa ngokunye kuSredojevic obehlala engafuni ukuphawula ngoHlatshwayo.
Izolo esithangamini nabezindaba eGoli, uSredojevic uthe angathanda ukuba noHlatshwayo eqenjini lakhe.
“Akekho umqeqeshi kule lizwe ongeke athande ukuba nokaputeni weBafana Bafana eqenjini lakhe. Lo umuntu uzoletha ubuyena eqenjini nokudlala kahle. Kodwa kuze kuba izinto ziyenzeka ezimayelana nokudlala nokukhokhelana, anginalo ilungelo lokukhuluma. Okwami wukuqeqesha ngikholelwe kubadlali esinabo manje,” kusho uSredojevic.
“Sonke siyithimba labaqeqeshi siyakholelwa kubadlali esinabo. Kodwa uma siphumelela ukuthola omunye umdlali kuyohlala kwemukelekile lokho. Wonke umuntu angamamukela umdlali wezinga eliphezulu.”
Umqeqeshi weWits, uGavin Hunt, naye ukhulume okuhlukile kwakusho emasontweni edlule. UHunt ubeyiphika indaba yokuhamba kukaHlatshwayo ethi ukhulumile naye futhi wamtshela ukuthi akahambi.
“Ngeke uthi ngeke kwenzeke ebholeni. Khona lapha eduze umdlali uhambe mahhala kodwa manje sebefuna ukumthenga (Khama Billiat). Kungenzeka noma yini ebholeni. Uma ubuka ebholeni lomhlaba nakhona nginesiqiniseko sokuthi kukhona okuzokwenzeka ngaphambi kokuvalwa kwewindi. Angithandi ukulahlekelwa uyena, naye uyakwazi lokho. Ungukaputeni weqembu lethu neqembu lesizwe futhi sisuka kude,” kusho uHunt.
I-Pirates, esihlulwe kabili imidlalo ilandelana emiqhudelwaneni ehlukene, izobhekana neHighlands Park emdlalweni weMTN8 e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa ngo-6 ntambama.
“Sidlala neqembu esesidlale nalo imidlalo yobungani engaphezu kuka-20 eminyakeni emibili ngifikile lapha. Sazana kahle nabo. Sidinga ukuba yiqembu elizoba semdlalweni imizuzu ewu-90 yonke, siqine futhi emuva. Okwenzeke koweSuperSport akujabulisi," kusho uSredojevic.