UTHATHWA njengeqhawe ngumndeni nomphakathi wangakubo uSbonelo Khwela ngenxa yokusebenzisa ezemidlalo ukulwa nendlala newunga.
Ukhwela waseShongweni Dam, wenze ezibukwayo kwi-FNB Dusi Canoe Marathon ebiseBlue Lagoon eThekwini, ngoMgqibelo, ehambisana noSiseko Ntondini waseSoweto abaphume naye endaweni yesithathu.
Emphakathini waseShongweni nasemndenini wakhe bekungathi udle umhlanganiso uKhwela njengoba bebecula amaculo abeqhakambisa ubuqhawe nokuba ngumnqobi kwakhe.
UNksz Nontokozo Mkhize uthe okumenze wasuka phansi wazozibonela lo mdlalo bukhoma yingoba ebone indlela osushintshe ngayo indawo yangakubo.
“USbonelo (Khwela) uyiqhawe ngakithi ngoba ukwazile ukuthatha izingane wazifaka kulo mdlalo, zayeka izidakamizwa newunga. Ukuphuma kwakhe kweyesithathu kufana nokuthi uphakamise indawo yangakithi. Yikhona lokhu okusenza size lapha sizocula sijabule kanye naye,” kusho uNksz Mkhize.
Uninalume kaKhwela, uMnuz Delani Zondi, uthe impilo kubo useyishintshile ngenxa yokuba umgwedli.
“Esaqala kulo mdlalo sasingafuni ngoba sisaba ukuthi uzolimala emanzini, adliwe nayizilwane. Manje sibona ushintsho olukhulu ekhaya nendlela esiphila ngayo. Uyakwazi ukondla, walobola washadelwa into ehlula amadoda amadala. Siyaziqhenya ngaye nokwenza singaphuthi uma egwedla kwiDusi kusuka ngosuku lokuqala,” kusho uZondi.
UNksz Skholiwe Gcwensa waseSikebheni uthe uKhwela uyisibonelo esihle ezinganeni.
“Izingane uma zibona abantu abanjengoKhwela bekwazi ukwenza ezibukwayo kulo mdlalo siyaphela isithombe sokuthi owabamhlophe kuphela. Bangamaqhawe ethu ngoba basilandela izingane ebugwebengwini nasezidakamizweni zingene kwezemidlalo,” kusho uNksz Gcwensa.
UKhwela utshele Isolezwe emuva kokuphuma indawo yesithathu ukuthi iphupho lakhe ukuba athathe umhlalaphansi sebebaningi abamnyama abenza kahle kulo mdlalo.
“Okwenze ngakhetha ukugwedla nomuntu ongakaze aphume kwabathathu abahamba phambili kwiDusi yingoba inhloso yami wukuthuthukisa abanye abamnyama abeza emuva kwami. Singashintsha impilo yabantu abaningi sisebenzisa ezemidlalo,” kusho uKhwela.
UNtondini uthe ukulandelwa umphakathi nomndeni kaKhwela kusuka ngoLwesine kuqala iDusi, yikhona okumsizile noma sekunzima endleleni.