IKaizer Chiefs ibhale ekhasini layo ku-Twitter ngoLwesine ukuthi isimdayisele amaBrazilians uGeorge Lebese. Lo mdlali bese kunesikhathi emataniswa naleli qembu.
Ngesikhathi imemezela lokhu iKaizer Chiefs, kucacanga ukuthi ngabe sifezekile isifiso sayo sokuthola umdlali oqhamuka ngakwiSundowns.
Nawo amaBrazilians aqinisekisile ukuthi umdlali usengowawo.
George Lebese has been sold to Mamelodi Sundowns. We wish him all the best in his future endeavours #ThankYouLebese #Amakhosi4Life pic.twitter.com/VU00cFp1in
— Kaizer Chiefs (@KaizerChiefs) August 10, 2017
Bekuvela ukuthi iChiefs ifuna ukuthola imali nomdlali kuSundowns.
Iqembu lasePitoli belifuna ukuwelisa uMzikayise Mashaba osengenabo ubudlelwano obuhle nalo. Nokho iChiefs ibingayizwa indaba yakhe.
““ULebese no-Oupa Manyisa bazobhaliswa kusasa (namuhla) kuCaf Champions League. ISundowns neChiefs sebevumelene. Osekusele wukuthi iSundowns uvumelana ngezidingo nomdlali okuyinto engingaboni ukuthi izothatha isikhathi. UManyisa naye isiqedile ngaye,” kusho umthombo othembekile.