USEZOBONAKALA elithinta futhi enkundleni owayengumdlali we-Orlando Pirates, uThandani “Bibo” Ntshumayelo.
Lo mdlali ubemisiwe ekudlaleni ibhola eNingizimu Afrika ngemuva kokutholwa enesidakamizwa, i-cocaine, egazini lakhe ngonyaka ka-2016. UBibo, oneminyka ewu-28, wayedlalela iBhakaniya ngaleso sikhathi kanti wagixabezwa ngesigwebo esinzima seminyaka emine engalithinti ibhola ezingeni eliphezulu. Lo mdlali akahluphanga njengoba alivuma icala lakhe.
Namuhla iwebsite yebhola, iSoccer Laduma, ibike ukuthi lo mdlali ukhishwe phambili njengoba ebedlulisele isigwebo sakhe esigungwini esibuyekeza amacala abadlali kuleli.
Ummeli kaNtshumayelo uMpho Sethaba, weFluxans Attorneys, uthe lo mdlali uphumelele ekubuyekezweni kwesigwebo sakhe ngoba kwakungafanele sibe iminyaka emine.
“UThandani watholwa enecela lokwephula umgomo wezikhuthazi ezingekho emthethweni (anti-doping) ngo-Agasti ngo-2016 wanikezwa isigwebo seminyaka emine. Sadlulisa icala ngoba ecaleni elifana naleli kwakumele amiswe iminyaka emibili ebholeni, nokuyinto eyenze isigungu samkhipha phambili, sehlisa isigwebo ngeminyaka emibili. Lokho kuchaza ukuthi uThandani usengabuyela ebholeni njengoba eseyiqedile iminyaka emibili,” usho kanje.