XOLILE MPISANE
OWAYENGUMDLALI weqembu lesizwe lakuleli lekhilikithi, uChris Morris, usememezele ukuthi seziphelile izinsuku zakhe zokudlala lo mdlalo njengoba esezoqala indima entsha njengomqeqeshi.
U-Morris (34), obengumshwibi onesivinini futhi ekwazi nokubhetha, umele ama-Proteas kuma-Test amane, imidlalo engu-42 yosuku olulodwa nengu-23 ye-T20.
Ugcine ukudlalela iqembu lesizwe eNdebeni yoMhlaba ka-2019, lapho abashaya emakhanda bonke abashwibi bakuleli ngokuthatha amawikhethi angu-13.
“Namuhla ngimemezela ukuyeka kwami ukudlala zonke izinhlobo zekhilikithi,” kubhala uMorris ekhasini lakhe le-Instagram.
"Ngibonga bonke ababambe iqhaza ohambeni lwami, abangeseke ngokukhulu noma okuncane. Ngilithokozele ithuba lokudlala lo mdlalo.
"Ngijabule futhi ngokuthola ithuba lokuba yingxenye yethimba labaqeqeshi beqembu le-Titans."
U-Morris udlale umdlalo wakhe wokuqala weT20 kumaProteas ngoDisemba 2012, walandelisa ngowokuqala wosuku olulodwa ngoJuni 2013.
Uke walinda ngaphambi kokudlala i-test yakhe yokuqala kodwa kwagcina kufezekile ngoJanuwari 2016.
Udlale ama-test amane kuphela eqenjini lesizwe, wathatha amawikhethi angu-12. Kweyosuku olulodwa engu-42 uqede enamawikhethi angu-48.
Wagqama kakhulu emidlalweni yeT20, lapho athatha khona amawikhethi angu- 34 emidlaweni engu-23.
Udlalele namaqembu ahlukene emhlabeni jikelele. Kuleli uyibambe kwiNelson Mandela Bay Giants, North West, Lions neTitans.
Phesheya kwezilwandle udlale kwiSurrey neHampshire e-England, iSt Kitts and Nevis Patriots eWest Indies neSydney Thunder yase-Australia.
Udlale kakhulu nakwi-Indian Premier League (IPL) kwiDelhi Daredevils, Chennai Super Kings, Royal Challengers Bangalore neRajasthan Royals, eyaphula irekhodi imthenga ngo R32.7 million ngoFebhuwari nyakenye.