INJINI yeSuperSport United neqembu lesizwe, iBafana Bafana u-Aubrey Modiba, ayisayizwa kahle eyokuba ngumdlali wasemuva.
UModiba utshele leli phephandaba ukuthi ngokwakhe usefuna ukuba ngumgadli manje, akasayizwa eyokuvimbana nabantu kodwa usefuna kuvinjwe yena.
Kule sizini esanda kugoqwa, uModiba, uvalele phakathi amagoli amahlanu, wakha ayishumi, emidlalweni ewu-29.
Eminyakeni edlule uModiba efika ebholeni elikhokhelayo ubedlala emuva kwesokunxele. Bezikhona izikhathi lapho ebegoba khona amabhola amahle uma kuhlaselwa kodwa ubengagxilile phambili.
Nokho ukufika kukaStuart Baxter kwiSuperSport, ogcine eshiye amatomu kuKaitano Tembo kuleli qembu yilapho kuqale khona ukuthi kubonwe uModiba edlala izindawo ezahlukene.
Uyakwazi ukudlala kunombolo 10, abuye adlale kunombolo 8.
“Ukukhuluma nje iqiniso mina ngithanda ukuba ngumdlali ohlaselayo manje ngoba ngiyawashaya amagoli futhi ngiyawakha.
Kodwake anginankinga noma umqeqeshi angangifaka kuphi, inqobo nje uma ngidlalile,” kusho uModiba obehambele owamanqamu kwiNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium.
Ebuzwa ngesizini yakhe neSuperSport, uModiba uthe: “Uma ungabuza mina, ngicabanga ukuthi bekufanele ngishaye inqwaba yamagoli kunamahlanu engiwashayile.
Kodwa njengeqembu siphoxekile kancane ngoba besifuna ukuqeda sibalwa namaqembu amathathu ahambe phambili, okungenzekanga. Siyakuthokozela nokho ukuthi sikhona kwiTop 8. Sibheke ukuthi isizini ezayo ibe ngcono kakhulu”.
UModisa kungenzeka abe yingxenye yeqembu lesizwe iBafana, elizodlala kwi-Africa Cup Of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo e-Egypt. UModiba uthe bafisa ukwenza kahle kulo mqhudelwano kodwa ngeke bazifake ingcindezi.
“Sijabule ngokuba yingxenye ye-Afcon noma singene sekuvalwe amehlo ekugcineni. Ngokwami kwakufanele sizibekele indawo ngokushaya iSychelles ekhaya layo kodwa sadlala ngokulingana nayo.
Ngijabule ngendlela esivale ngayo emuva ngoba sangenelwa kuphela amagoli amabili, okuwumkhonto owagwaza ekhaya nephenathi. Siyakwamukela ukugxekwa ngabalandeli bebhola kuleli ngoba nabo basuke bekwenza ngothando, hhayi ngoba befuna ukusilimaza.
Ngiyathemba ukuthi sizohamba ibanga elide kwi-Afcon,” kusho uModiba onamahloni.