THABO BLOSE

USEGIXABEZWE ngenkontileka yonyaka kwiSuperSport United uThabo "Section 10" Qalinge ochithwe yi-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

UQalinye (27), odlale imidlalo engaphezu kuka-80 kumasizini ayisihlanu awahlale kwiPirates, ubekade evele eziqeqesha naMatsatsantsa ngenhloso yokuthola itoho. Nakuba ubekade eyintandokazi yabalandeli beZimnyama kodwa uhlulekile ukuyenza eyakhe indawo esikimini ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene kusukela ezijoyine esuka kwiMpumalanga Black Aces. 

KwiSuperSport uQalinge uzobanga ijezi nabadlali basezinhlangothini okukhona kubona uKudakwashe Mahachi abekade elibanga naye kwiPirates, Evans Rusike obuye adlale phambili noGhampani Lungu. 

Akubuzwa ukuthi iSuperSport inikeze uQalinge lenkontileka ngenxa yokuthi usenesikhathi agcina ukudlala ngakho ifuna azibonakalise ukuthi usengabuyela yini ezingeni aziwa ngalo eMzansi. Kungenzeka abonakale uma iSuperSport isibhekene neBidvest Wits emdlalweni weMTN8 eBidvest Stadium ngeSonto ntambama.

UQalinge chithwe nabadlali okubalwa kubo uMpho Makola, Thabo Matlaba, Thamsanqa Gabuza, Gladwin Shitolo noKudakwashe Mahachi, Jackson Mabokgwane noCaio Marcelo kwiPirates.  

ISuperSport izobhekana neBidvest Wits emdlalweni weMTN 8 ngeSonto ngaphambi kokutholana phezulu neChiefs emdlalweni we-Absa Premiership ngo-Agasti 24.