ANGASE abonakale
kusasa egqoke imibala yeRichards Bay FC uThami Sangweni okuthiwa angase asayine noma yinini neqembu elinesifiso sokudlala kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.
Ngokuthola kweSolezwe, uSangweni, ongowokuzalwa eDondotha, eMpangeni, ubevalelene nezikhulu zeqembu izolo kuqedelwa izingxoxo zokuba abe yilungu leqembu langakubo.
“Umqeqeshi weRichardsBay, uBrandon Truter, ufuna ukuthi izingxoxo ziphothulwe ngokushesha ngoba ufuna uSangweni ahambe neqembu elizobhekana ne-Ajax Cape Town kusasa. Sekusele izinto ezimbalwa, uSangweni yena uzodlala kwiBay kungekudala, lokho ngingakuqinisekisa,” kusho umthombo.
USangweni useziqeqeshe neBay amasonto amathathu ngemuva kokushaywa ngesithende yiMaritzburg United. Usedlalele AmaZulu FC, Mamelodi Sundowns neChippa United.
UTruter ukuqinisekisile ukuthi uSangweni uziqeqesha nabo kodwa wangaphumela obala ngokumsayinisa.
“Yebo uziqeqesha nathi uSangweni kodwa okokusayina ngeke ngaphawula ngako ngoba kuncike kakhulu kubaphathi.
“Njengamanje ikhanda lami liphithene ngoba silungiselela umdlalo wethu ne-Ajax ekuhambeni,” kusho uTruter.
USangweni ugcine ukubonakala enkundleni edlalela iChippa ezinyangeni ezedlule. Ukhonjwe indlela ngesikhathi kufika umqeqeshi omusha uClinton Larsen.
IBay isethubeni elihle lokungena kweyokuhlunga yokukhuphukela kwiPremiership kodwa elinye lamaqembu ebanga nalo indawo, i-Ajax, abazobhekana nayo kusasa, e-Athlone Stadium ngo-3.30 ntambama.
“Silindele umdlalo onzima ngoba i-Ajax iyawina ekhaya. Kodwa noma kungenzekani ngisakholelwa ekutheni ngeke siphazamiseke kangako ephusheni lethu leyokuhlunga. Lokho ngikusho ngoba ngemuva komdlalo wethu ne-Ajax sizoba nemidlalo emine esizoyidlalela ekhaya. Lokho kusho ukuthi amaphuzu awu-12 lawo. Noma yikanjani sizoyithola indawo kweyokuhlunga uma singanqoba leyo midlalo,” usho kanje uTruter.