UNOZINTI we-Orlando Pirates, uWayne Sandilands, uqoka ukugxila kokuhle akwenzile eminyakeni edlule kunokubeka umqondo wakhe emaphutheni abantu abagcine sebemahlulela ngawo.
USandilands ubekade ebukeka ezozitamuzela ijezi ngasekuqaleni kwesizini edlule ngaphansi komqeqeshi omusha, uMilutin “Micho” Sredojevic. Nokho kushabalale konke emuva kokuthi uHlompho Kekana weMamelodi Sundowns emshayele igoli engasemgqeni ohlukanisa inkundla maphakathi. Kusukela lapho uthwale kanzima ukuthola isikimu. Ukufika kukaBrilliant Khuzwayo osuka kwiKaizer Chiefs kusho inselelo enkulu kuyena embangweni wejezi. Ngaphandle kukaKhuzwayo, uSandilands kufanele abange ijezi noJackson Mabokgwane noSiyabonga Mpontshane okuvalwe isizini edlule sekugiya yena ezintini kweZimnyama.
USandilands uqokwe njengonozinti ovelele kwiPirates wangesizini edlule emcimbini obusemasontweni amabili edlule.
“Kufanele ngigxile kokuhle engikwenzile. Lokhu (umklomelo) kuyakhombisa ukuthi bengiza kahle. Zizoba khona izindawo ezinyukelayo nezehlelayo kodwa kufanele ngibambelele kokuhle ngisebenzele ukufeza amaphupho ami. Njengoba sekuqala isizini entsha, okudala sekudlulile. Kufanele ngibhekane nendlela ephambi kwami nokuyinto engiyenzayo,” kusho uSandilands.
“Ngesizini edlule bengizama ukubamba umgqigqo, ngisebenzele ukufinyelela ezingeni engaziyo ukuthi ngingafinyelela kulona. Bekukade kungelula ngoba bekufanele senze okuhlukile kunesizini ebesikade sisuka kuyona. Kodwa ingijabulisile indlela esiqale ngayo. Bekukade sekudingeka sakhele phezu kwesiqalo esihle. Kule sizini kuzoba kuhle ukwakhela phezu kwesisekelo engisakhile.”
Ngesizini edlule iPirates iqede endaweni yesibili kwi-log ye-Absa Premiership ngemuva kompetha iSundowns. Umqeqeshi uSredojevic ukubeke kwacaca ukuthi leli qembu selikulungele ukuwina izindebe. IPirates izohambisana neSundowns emqhudelwaneni iCAF Champions League.
“Ngicabanga ukuthi kunengcindezi enkulu manje. Kodwa iqembu elifana nePirates kulifanele lokho. Kufanele lilwele ukuwina zonke izindebe. Njengomdlali uyafuna ukuba kuleyo ngcindezi ukuthi uzibonakalise ongakwenza. Iqembu kulifanele ukuwina izindebe futhi singabadlali sifuna ukufaka isandla kulowo mlando. Kuyingcindezi enhle engithemba ukuthi sizokwazi ukumelana nayo siwine izindebe kule sizini,” kusho uSandilands.
Mayelana nokufika kukaKhuzwayo kwiPirates, uSandilands uthe: “Wonke amaqembu adinga abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu. Yinde isizini esibhekene nayo. Kuhlale kukuhle ukuba nabadlali abasezingeni eliphezulu.”
IPirates izovula imidlalo yeligi neHighlands Park e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Imidlalo yangempelasonto ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Mamelodi Sundowns v Kaizer Chiefs (Loftus Versfeld Stadium, 3pm); Black Leopards v Polokwane City (Peter Mokaba Stadium, 6pm); Cape Town City FC v SuperSport United (Cape Town Stadium, 6pm); Bidvest Wits v Free State Stars (Bidvest Stadium, 6pm); Orlando Pirates v Highlands Park (Orlando Stadium, 8.15pm); AmaZulu FC v Baroka FC (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Maritzburg United v Golden Arrows (Harry Gwala Stadium, 3pm); Bloemfontein Celtic v Chippa United (Dr Molemela Stadium, 3pm)