Ezemidlalo

Umunyu kuhlangene abadlali bebhola kungcwatshwa uDiogo Jota nomfowabo

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Umunyu kungcwatshwa uDiogo Jota nomfowabo

Image: X

Umngcwabo kaDiogo Jota kanye nomfowabo u-Andre Silva wenzeke ePortugal ngoMgqibelo ekuseni; Unkosikazi kaJota nomndeni bajoyinwe ngabadlali beLiverpool nabeqembu lesizwe lasePortugal emngcwabeni kulandela ukushona kwabo engozini yemoto eSpain. 

Amabhokisi kaJota noSilva angeniswe esontweni i-Igreja Matriz de Gondomar edolobheni laseGondomar ngasePorto ngoMgqibelo ekuseni, alandelwa abantu ababezilile. Kukhale insimbi yesonto kwavungama izinkumbi zabantu ngesikhathi kungenisww amabhokisi esontweni kulandela abantu abeze enkonzweni. Abanye ababonakale befika esontweni kubalwa umqeqeshi wamaReds u-Arne Slot, ukaputeni uVirgil van Dijk nozakwabo okubalwa kubo u-Andy Robertson, uConor Bradley, uRyan Gravenberch, uCody Gakpo, uCurtis Jones, uDarwin Nunez noJoe Gomez nabanye.

Abadlali bebhola baphethe amajezi ezelamani ezingcwatshwayo

Image: X

Ibhokisi likaDiogo Jota

Image: X

Umqeqeshi we Liverpool emngcwabeni

Image: X

Abadlali bebhola

Image: X

UBruno Fernandez weqembu lesizwe lasePortugal

Image: X

UDiogo Jota nomakoti wakhe ngosuku lwabo lomshado ngomhla ka22 Juni 2025

Image: X

I-Guardia Civil yaseSpain ikhiphe isitatimende esichaza ngengozi yemoto ebulale umdlali weLiverpool uDiogo Jota nomfowabo u-Andre.

Lo mgadli wasePortugal, ubehamba ngemoto enkulu nomfowabo omncane u-Andre (26) obengumdlali webhola okhokhelwayo naye oshone engozini ezintatha zanamuhla. Isondo leLamborghini, okubikwa ukuthi iyi-Urus SUV engu-£150,000, kuthiwa liqhume ngesikhathi idlula ku-A-52 eCernadilla, ngaseZamora, enyakatho-ntshonalanga yeSpain, eduze komngcele nePortugal.

Le moto iphume emgwaqweni, yagingqika yabe isigqamuka amalangabi ngabo-12.35 phakathi kwamabili. Kubizwe abezimo eziphuthumayo kodwa abakwazanga ukubasindisa.

I-Liverpool FC esitatimendeni ithe "ikilabhu ikhungathekile ngale nhlekelele nokuthi umndeni kaDiogo, abangani nabalandeli balahlekelwe ngokungacabangeki". Izimbali nokuhlonishwa kubekwa ngaphandle kwe-Anfield namuhla, abalandeli abaningi bebekhala mi izinyembezi.

U-DIOGO Jota umgadli weLiverpool oshone engozini yemoto ehamba nomfowabo

Image: Facebook

UJota udlula nje, usanda kushada noRute Cardoso, oneminyaka engu-28 ubudala ongumama wezingane zakhe ezintathu athandana naye kusukela eneminyaka engu-16 ubudala. Laba bashade ngoJuni 22, ePorto, idolobha lasekhaya lalo mdlali webhola. URute ufake izithombe eziningi zosuku lomshado ezinkundleni zokuxhumana izolo wathi: "Iphupho lami lifezekile." UJota uphendule lapho ngokuthi: "Yimina onenhlanhla."