UVUMA eyokubhekana nesimo angasijwayele sokukhuhla ibhentshi uBhongolwethu “Bhongo” Jayiya osayiniswe iKaizer Chiefs ngoJuni wangonyaka owedlule esuka kwiCape Town City FC.
UJayiya usayine kwiChiefs kubhekwe lukhulu kuyena njengoba ebengalibheki ipali esagijima kwiBidvest Wits, Maritzburg United neMpumalanga Black Aces eminyakeni edlule.
Esagijima kwiCity uqophe umlando evalela amagoli amathathu emizuzwini eyishumi iCity idlala neChippa United. Lowo mdlalo wagcina uphele ngo 4-1 kunqoba iCity. Nakuba izinto zimphika okwamanje kuMakhosi njengoba eqiwa yijezi kodwa uthe usafuna ukulwela ijezi akaziboni ebolekiswa.
“Cha angifuni ukubolekiswa yiqembu. Okwamanje ngisafuna ukulwela ijezi ngibone ukuthi ngifika kuphi naleyo mpi,” usho kanje uJayiya ngemuva komdlalo weMDC phakathi kweChiefs neLamontville Golden Arrows, eHammarsdale Stadium ngeSonto.
Eqhubeka echaza uJayiya, uthe uyavuma ukuthi ubhekene nesimo angasijwayele nhlobo sokukhuhla ibhentshi nathe uzimisele ngakho konke okusemandleni ukulwa kuze kube kufika lapho ehluleka khona.
“Esimeni esifana nalesi engibhekene naso akufanele nakancane usole abantu. Kufanele uzibuke wena. Bengijwayele ukudlala emaqenjini ebengidlala kuwona kodwa manje ngikwelinye iqembu futhi elikhulu. Kunabadlali iqembu elithembele kubona, ngakho nami kufanele ngizakhele igama ngithole ukwethenjwa. Ngaphezu kwalokho kufanele ngizinikele,” kuqhuba uJayiya.
Leli phephandaba libe selimbuza ukuthi ngabe yiziphi izingqinamba abhekene nazo kwiChiefs.
“Okokuqala nje wukuthi iChiefs inendlela ehlukile yokudlala kulena ebengiyijwayele. Mina ngiwumdlali othanda ukudlala ophikweni, ancike kulayini kodwa manje lapha kulindeleke ukuthi ngidlale kakhulu ngaphakathi ngidlale sanombolo 10. Ngicabanga ukuthi yilapho okusafanele ngikhule khona. Ngiyethemba nokho ukuthi uma isikhathi siqhubeka ngizojwayela,” kusho uJayiya.
IChiefs izobhekana neCape Town City emdlalweni weligi eCape Town Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.