UNGENWA amanzi emadolweni umqeqeshi weFree State Stars, uLuc Eymael, uma ecabanga ingozi eza neSuperSport United abazobhekana nayo nayo namuhla ngo-6 ntambama, eGoble Park, kowe-Absa Premiership.
Lo mqeqeshi waseBelgium, uthe usashaqekile namanje ngombozo odlalwe abadlali bakhe abethembayo bexetshulwa yiBloemfontein Celtic kowabakhaya ngempelasonto eMangaung. Kulo mdlalo u-Eymael ukhwele wadilika kubadlali bakhe ngokungazithandi izinto ezinhle wathi yibona abadale ukuthi umphumela womdlalo weCeltic ugcine usubukeka sengathi mubi kakhulu.
Lo mqeqeshi ofike kuleli ezopheka iPolokwane City uthe ngukaputeni wakhe uPaulus Masehe nonozinti wakhe uBadra Ali Sangare abakhombise ukuthi bazimisele ngokulwela iqembu.
Uthe inkinga yakhe enkulu wukuthi yini okufanele ayenze ukuze abadlali bakhe benze ngendlela abenze ngayo benqoba kwiLamontville Golden Arrows maphakathi nesonto eledlule.
“Kufanele ngabe ngiwulindele ngabomvu lo mdlalo kwazise sisekhaya kodwa nginovalo ngoba okwenziwe abadlali bami ngempelasonto bengingakulindele. Nginenkinga ngisho yokuhlelela lo mdlalo ngoba okwenziwe abadlali bami kungishiye ngishaqekile. Cishe bonke bebezithele ngabandayo. Angazi ukuthi yini edale lokhu manje nakulo mdlalo weSuperSport angazi ukuthi bazofika befuna ukulungisa iphutha abalenze kwiCeltic noma basazobe bezishiye emakhaya izingqondo zabo,” kusho u-Eymael kuzwakala ukuthi unengekile.
Okumkhalisa kakhulu wukuthi iSuperSport izofika kubona ihambela phezulu njengoba ibuye seliyoshona kucaca ukuthi iyawalahla amaphuzu kwiCape Town City.
“Iqembu elidlala imiqhudelwano yase-Afrika liyohlale lingcono kunaleli elingayidlali. Sibhekene nomqansa onzima odinga ukuthi abadlali bame ngamanzonzwane ngaso sonke isikhathi. Ngikhulekela ukuthi babuye abadlali bami kodwa uma bezokwenza lokhu abakwenze kowabakhaya nginovalo lokuthi sizothwala kanzima,” kusho u-Eymael.
Emdlalweni olandelayo nowokugcina wonyaka iPolokwane izobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama. ISuperSport izobhekana neBaroka FC ePeter Mokaba Stadium, ngeSonto bese iyivala ngokuhlangana neBloemfontein Celtic eDr Molemela Stadium, ngoDisemba 20.