Ezemidlalo

URiveiro ufuna basheshe bakhohlwe ngeNedbank

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ofuna ukusheshe akhohlwe ngeNedbank Cup.

Image: BACKPAGEPIX

KUSALE kancane ukuthi asole iKaizer Chiefs ngokuxova umdlalo wamanqamu weNedbank Cup umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, osesele kuphela nethuba lokushiya leli qembu elibuyisele kwiCaf Champions League.

URiveiro obeqala ukushaywa kwiNedbank kusukela afika eNingizimu Afrika ngo-2022, ukhombise izimpawu zokunengwa yindlela iChiefs ewudlale ngayo lo mdlalo obungoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokwalo mqeqeshi ohambayo kwiPirates ekupheleni kwesizini, ubungcono kakhulu ngezinga oweBetway Premiership obuseFNB Stadium, eNasrec, ekuqaleni kwenyanga.

IPirates, ebisele neNedbank njengethemba lokuvalelisa lo mqeqeshi waseSpain, isizogxila emidlalweni eyisalele kwiPremiership.

“Engingakusho wukuthi iChiefs isihlule ngendlela yokudlala ngezikhwepha, hhayi ngebhola,” kusho uRiveiro obekusobala ukuthi unengekile ngemuva komdlalo.

“Kunzima ngisho ukuwubiza ngomdlalo ngoba akukho bhola elidlaliwe zinhlangothi zombili. Nodlule (weligi ngeledlule) ubungcono ngoba amaqembu womabili adlalile.

“Ayikho inkinga ebesinayo ngaphandle kukaMmodi (Pule) esiwombeni sokuqala, nakho-ke sebenikwa iphenathi. Kukhona obekufanele sikunikwe nathi ngokudlaliswa kabi uRele (Relebohile Mofokeng) esebhokisini kodwa sancishwa.

“Okuzosisiza ukuthi sisheshe sikhohlwe ngeNedbank ngoba lokhu ebesikuhlelile (ukuvikela isicoco) akusenzekanga."

IPirates esele ngemidlalo emibili kwiMamelodi Sundowns ebukeka izogoduka naso isicoco seligi, isenalo ithuba lokuvalelisa lo mqeqeshi ngokuqeda endaweni yesibili okuzobe kungokwesithathu kulandelana.

“Okufanele sikugade manje yimidlalo esisalele njengoweGolden Arrows ekhaya ngoLwesibili. Kulapho singafaka khona wonke amandla ethu ngoba ngeke kusashintsha lutho njengoba singebona ompetha beNedbank. Ngiyayibongela iChiefs ngokudla isicoco,” kusho uRiveiro.

Kusasa ngo-7.30 ebusuku, iBucs izokwamukela i-Arrows ebibhekene nayo eThekwini, koweligi ngeledlule kodwa kulokhu umdlalo use-Orlando Stadium, eSoweto.

Ngemuva kowe-Arrows, uRiveiro uzobe esesalelwe ukubhekana ne-TS Galaxy, SuperSport United, AmaZulu FC neMagesi FC ngoMeyi 28, ngaphambi kokungena endizeni ephumayo eNingizimu Afrika.