UMGADLI weqembu lesizwe iZambia ne-Orlando Pirates, u-Augustine Mulenga, useluleke uzakwabo nomkhaya wakhe uJustin Shonga ngokuthi angadikibali yize eseke wabhekana nokuhhewulwa abalandeli beZimnyama.
Ngempelasonto ngesikhathi iPirates ibhekene neKaizer Chiefs kowabakhaya baseSoweto, uShonga uzithole esemanyamanambana kwabanye abalandeli beBhakabhaka ngemuva kokuvinjelwa iphenathi wu-Itumeleng khune. Kuthe amaBhakabhaka esababaza lokho, lo mdlali obegila izimanga eqenjini lesizwe iChipopolo eshaya amagoli, wageja elinye ithuba elisobala.
Lokhu kugcine ngokuthi kube khona abalandeli abebenza uphawu lwezandla lokuthi akhishwe kulo mdlalo we-Absa Premiership iPirates egcine iwunqobe ngo 2-1. Amagoli ashaywe u-Innocent Maela noVincent Pule.
UMulenga yena ngamagalelo akhe, ebeshikilisa izitobha zaMakhosi okudale iphenathi, uqokwe waba umdlali ovelele.
Ebuzwa uMulenga ukuthi yini engenza uzakwabo akwazi ukuboniswa inethi uma edlubhe ezeZimnyama njengoba enza kwiZambia, uthe: “Ibhola liyefana, umehluko indlela enidlala ngayo. Njengozakwabo akukho engingakwenza ngaphandle kokuqhubeka nokumkhuthaza aqhubeke nokusebenza kanzima ngoba abalandeli bayakuhhahhameza bafune uphume uma ugeja kodwa futhi uma ushaya igoli yibona kanye abazojabula. Kumele aqhubeke nokusebenza kanzima anganaki lokhu okwenzekayo.”
Ubekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo wabakhaya.
UShonga uzithola ebhekene nolaka lwabanye abalandeli nje, ngaphambi kokuthi aye kwelesizwe, wayebhekane nesimo esifanayo bedlala naMaZulu FC, egeja amathuba asobala okushaya amagoli.
KwiChipolopolo wafika wavalela amagoli amathathu emidlalweni emithathu, emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations nowobungani.
Esekhuluma ngaye uMulenga, uthe: “Okuhle wukuthi yize noma ngingawashayi amagoli kodwa okungenani ngiyawakha. Lokho kukodwa kuyakukhuphula ukuzethemba. Imidlalo iseminingi amagoli azoqhamuka.” Ngempelasonto iPirates izovakashela AmaZulu FC kwi-quarterfinal yeTelkom Knockout.
Umqeqeshi weBucs, uMiluitin Sredojevic uthe kusemqoka ukukhohlwa owabakhaya bagxile emdlalweni ozayo.
“Asikho isidingo sokujabula kuze kwedlulele. Inhloso yePirates wukunqoba konke okukhona kodwa kumele sihlelele umdlalo ngamunye. Umdlalo wabakhaya usuwumlando manje. Konke ukuzinikela nokuzikhandla kwethu kumele kube semdlalweni wethu naMaZulu eKing Zwelithini Stadium,” kusho uSredojevic.
Nokho lo mdlalo kungenzeka ungabanjelwa eKing Zwelithini eMlaza lapho Usuthu lungakaze luhlulwe khona kule sizini. Egcina ukuhlangana khona la maqembu umdlalo owawushubile weligi waphela ngo 1-1.