USELAHLE ithemba ngokwenza umsebenzi othinta ibhola owayewunyazi lomgadli weqembu lesizwe labesifazane iBanyana Banyana, njengoba esephila ngokubamba itoho esitolo samaChina sezingubo zabesifazane.
UVeronica ‘Bhudu’ Phewa (38) odabuka esigodini KwaManqoba, KwaNyuswa uxoxe neSolezwe ngeSonto maqondana nomsebenzi awenzayo wokusiza esitolo ekubeni wake waduma wadlala naphesheya kwezilwandle.
Ithimba laleli phephanda lifice uPhewa ematasa nomsebenzi epakisha izimpahla phakathi esitolo ebonakala ukuthi usewujwayele umsebenzi. Ubedlubhe nomfaniswano wasemsebenzini kulesi sitolo esisenxanxatheleni ePinetown.
“Angiboni ukuthi kukhona okusazohlangana ngoba iSafa ayikaze yangithinta nje ngisho ukuzwa impilo lokhu. Ngihlale phansi ngabona ukuthi ngeke kungisize ngalutho ukubhuquza ekhaya ngizogcina ngiswela ngisho izinto zokugcoba ngibe umthwalo,” kuchaza uVeronica.
Uthe useze wajwayela njengoba kuhlala kufika abantu esitolo bambuze imibuzo eminingi bethi ubekwa yini ezitolo zezimpahla ngoba bamazi njengesikwebhisi somgadli weqembu lesizwe.
Uthe abantu kufanele bakuqonde ukuthi akayisebenzisanga budedengu imali njengoba esebamba amatoho ezitolo. Ugcizelele ukuthi yayingekho imali ebholeni labantu besifazane, babethola onsumbulwana nje abangatheni.
“Ngangize ngisizwe abaxhasi bami bakwaNike ababenginika imali njalo uma ngishaye igoli. Akufani neBafana Bafana lapho abayikha ngamafosholo khona imali. Uma umuntu ebizwa kuBafana Bafana uthola imali ngalokho nje kukodwa engakadlali. Thina kwakunzima ngoba nabaxhasi bebengekho kahle, kwakuba wuthando lwethu lwebhola.”
LAPHA UVeronica Phewa wathathwa edlalela iqembu lesizwe iBanyana Banyana bebhekene neTanzania bedlalela eHunters Field, eKatlehong. Kulo mdlalo uVeronica washaya igoli Isithombe: Etienne Rothbart
Uveze ukuthi namanje awukho umehluko ongako ebholeni labesifazane njengoba kuculwa amaculo okuthi lizonakwa akuvulwe neligi ebhekene ngqo nabo bathole abaxhasi. Uthando lwebhola alukapheli enhliziyweni yakhe njengoba ethi ubuye asize abadlali abasafufusa ngakubo abaqeqeshe njengoba yena enolwazi olunzulu.
Okhulumela iSafa, uDominic Chimavhi, uvele wabhoka ngolaka wazihlangula wathi akufanele kugxekwe bona ngalolu daba ngoba bayinhlangano yebhola futhi safika sedlula isikhathi sikaPhewa abamkweleti lutho.
UVeronica esagijima phesheya kwezilwandle ubekwi-Arsenal e-England, iFC Indiana yase-USA neNaftohimik WFC yase-Ukraine. Uhlome nangeziqu zokuqeqesha, iD Licence, ayenze ngaphansi kohlelo lweSasfa.