KUHLALUKE uhlangothi olungajwayelekile kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ngesikhathi ezwakalisa ukunengeka kwakhe ngendlela aziphathe ngayo uToni Silva waseGuinea-Bissau emdlalweni abagcine becazelane kuwona amaphuzu neBidvest Wits.
Ngesikhathi kuqala isizini uMosimane uchaze uSilva njengomdlali ozofika abenze bakhohlwe ngabadlali abafana noKhama Billiat noLeonardo Castro bobabili abashiye ompetha beligi bajoyina iKaizer Chiefs. Ngaphezulu kwalokhu uMosimane uhlale njalo esho sakuqhosha ukuthi lo mdlali ukhulele kwiLiverpool yase-England.
Nokho ukhombise uhlangothi olumveza obala ukuthi isandla asiqinile ngendlela efanayo kubadlali bakhe njengoba ekucacisile ukuthi lo mdlali uqhubekile ngenkani wathi uzodlala ekubeni kade egula.
Lo mqeqeshi, oseke wapheka iBafana Bafana amahlandla amabili, waziwa ngokuthi kukhala isicathulo sakhe konke lapho esuke ephethe khona.
Kuthusile nokho uma esekusho ngomlomo wakhe ukuthi uSilva umhlulile ngenkulumo wagcina ewuqala umdlalo engekho esimeni esifanele.
Esiwombeni sesibili salo mdlalo uSilva uthole ithuba elilula ebelizonika iSundowns wonke amaphuzu kodwa lamehlula.
Ebuzwa ngaleli thuba uMosimane ukhombise okukhulu ukunengeka ngesithandwa sakhe somdlali emsola ngokuthi kufanele akhule futhi afunde ukuthi angaphoqi uma engekho esimeni esifanele sokudlala.
“Ubengekho esimeni sokudlala uSilva sibhekene neWits. Besivumelana siyithimba labaqeqeshi ukuthi akawulungele umdlalo kodwa yena weza kimina wathi uzodlala. Kungithusile lokhu ngoba bengazi ukuthi uyagula. Kwesinye isikhathi uyaphoqeka njengomqeqeshi ukuthi ubalalele abadlali bakho ukuthi bathini,” usho kanje.
UMosimane uqhube wathi: “Okusemqoka ukuthi uSilva ufundile namuhla ukuthi akusizini ukuphoqa ngenkani umzimba ungavumi. Uma ungekho esimeni kusemqoka ukungaphoqi ngoba uma wenza lokhu usuke ngesikhathi esifanayo uvulela abanye ithuba lokudlala.”
Ngaphambi kwalo mdlalo iSundowns iphoqeleke ukuqalisa ngaphandle uThapelo Morena no-Anele Ngcongca bobabili ababezowuqala umdlalo kodwa bakhala ngokuthile ngesikhathi sebezifudumezela ukuqala kwawo.