KUSAMELE abuyele esimeni esihle ngokomzimba U-Andile “Gattuso” Jali ngaphambi kokuthi kubonakale ukuthi ulilethelani iqembu lakhe elisha iMamelodi Sundowns.
Lokhu kuvezwe umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ekhalima abezindaba ngokuthi bangaqali babuze uJali ngakwenza enkundleni.
Lo mdlali ungene esiwombeni sesibili ngempelasonto ngesikhathi iSundowns iguqisa iLamontville Golden Arrows ngo 2-0 emdlalweni weMTN 8.
Kweyandulela lena ubengazange abonakale kuthiwa ulimele.
Yize eseluleme futhi kungenzeka uMosimane amphonse ensimini uma sebebhekene neWydad Athletic Club kusasa kodwa lo mqeqeshi usafuna ukumcwecwa uJali ukuze abuyele kulo mdlali aziwa enguyena.
Umdlalo neCasablanca ongoweCAF Champions League, ungo-8 ebusuku kusasa eStade Mohamed IV, eMorocco.
“Uyambona ukuthi isipiliyoni unaso futhi emdlalweni uyalwa okuyiyona into esiyidingayo kubadlali beBafana Bafana ukuthi basisize. Kodwa kusamele simbeke esimeni esihle ngokuba wumqemane. Kulokhu udlale imizuzu ewu-15 kuphela. Angifuni nibe seniqala ukumbabaza, ngingazithola sengilahlekelwa umdlali,” kusho uMosimane.
UJali ufike kwiSundowns asayine kuyona iminyaka emihlanu esuka kwi-KV Oostende yaseBelgium.
Ubeseke wahlala isikhathi eside kuleli qembu engadlali ngenxa yokulimala.
Uma iSundowns isibuya eMorocco izolungiselela ukudlala neHighlands Park ngoLwesithathu oluzayo emdlalweni weligi.
Kwimpelasonto ka-Agasti 25/26 kulindeleke ukuthi iye eKapa emdlalweni womlenze wokuqala kweyandulela owamanqamu weMTN 8 lapho izobhekana neCape Town City. Umdlalo wokugcina wamaqoqo weCAF neHoroya yaseGuinea, ubekwe ku-Agasti 28.
UMosimane uthe akusizi ukubeka izaba ngalokhu kuxineka ngemidlalo. “Asikwazi ukuba nezaba, laba abasele ngemuva yibona okumele badlale."
Ngokusho kwakhe eqenjini leCAF usenele nesikwati esingaphelele njengoba kunezikhala ezivulekile kuhamba abanye abadlali abanjengoKhama Biliat noPercy Tau. Abadlali abasayinisiwe njengoLyle Lakay nonozinti uReyaad Pieterse abakwazi ukubhaliswa kwiCAF ngenxa yokuthi bake badlala kuyo emaqenjini abaphuma kuwona.
Khonamanjalo umdlali weBrighton & Hove Albion, yase-Englanda, uPercy Tau, kuqinisekisiwe izolo ukuthi usezodlala kwiRoyale Union Saint-Gilloise yaseBelgium abolekiswe kuyona isizini yonke.