USHUMAYELA ivangeli lokuzithoba umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ezakhe ezithele ngehlazo izingqwele zase-Afrika, i-Al Ahly emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfinal weCAF Champions League uLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.
ISundowns ibhudluze i-Al Ahly yase-Egypt ngo 5-0 wamagoli kaThemba Zwane, Wayne Arendse, Ricardo Nascimento, Gaston Sirino noPhakamani Mahlambi. Lo mphumela uyibeka ethubeni elihle lokudlulela kowandulela owamanqamu. Umdlalo womlenze wesibili uzoba ngoMgqibelo e-Egypt.
Nakuba iSundowns kubukeka isiwuqedile umsebenzi kodwa emuva komdlalo uMosimane ubelokhu ekugcizelele ukuthi kufanele bazithobe ngoba asengaphenduka amatafula ekuhambeni.
“Akujwayelekile ukuthi iSundowns iwine ngamagoli amaningi kangaka. Siyiqembu elincane uma kuqhathaniswa ne-Al Ahly. Wumlando lona. Le wini izongena emlandweni weqembu. Kuyinto enkulu kubantu, eqenjini nakimina. Kodwa kusafanele siye e-Egypt. Sengike ngayibona i-Al Ahly idlala neWydad kuba u4-0, waphendulwa kwaba 5-4. Ngakho angisona isiphukuphuku, ngeke ngijabule. Ngizozithoba futhi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu liphansi nalo. Esikhathini esinjena kubalulekile ukuzithoba. Ngethemba ukuthi sizodlulela kowandulela owamanqamu. Ngeke wazi. Lo mphumela awujwayelekile,” kusho uMosimane.
Emuva kwesikhathi uMosimane uphinde washintsha wathi: “Sijabule ngoba sihlule iqembu eliphambili. Ngakho sivumelekile ukujabula kancane, hhayi kakhulu. Lokhu kungenzeka kungaphinde kwenzeke sisaphila. Siwahlulile amaqembu ngamagoli amaningi kodwa asizange sibhiyoze. Kodwa kulokhu sihlule i-Al Ahly, asijabule kancane.”
UMosimane uthe akuwona umlingo ukuhlula i-Al Ahly ngale ndlela kodwa njengethimba labaqeqeshi bawenzile umsebenzi wabo wokuyicubungulisisa.
“Ukwenza isiqiniseko sokuthi sinakho konke siyibuke emidlalweni eyisishiyagalombili. Lokho kwenze sathola izinto abajwayele ukuzenza enkundleni, indlela abacabanga ngayo. Siwulungiselele kahle lo mdlalo. Kwesinye isikhathi uma uwina kanjena, singabaqeqeshi sizwakala njengongqondongqondo. Kodwa eqinisweni siwenzile umsebenzi wethu. Konke kwenzeke ngendlela ebesikade siyilindele. Akwenzekanga inhlanhla. Siyabazi abantu ababalulekile eqenjini labo. Obekubalulekile wukudlala ibhola lethu,” kusho uMosimane.
ISundowns iphule irekhodi lokuhlulwa yi-Al Ahly kwiChampions League kwazise ibingakaze iyithele isibhaxu.
UMosimane uveze ukuthi ekuhambeni uhlela ukuqalisa abadlali abanejubane phambili okuwuMahlambi noLebo Maboe ngoba i-Al Ahly izobe ibahlasela ngakho konke.
“Kuzoba nzima laphaya. Kufanele sikuphindisele konke abazokuletha kithina. Ngethemba ukuthi sizoqhubeka nokudlala kanje. Ngethemba ukuthi sizowuvikela umsebenzi esiwenzile. Asinaso isiqiniseko kodwa konke kusemqondweni. IBafana ihambile idinga iphuzu yawina. Kufanele sikholelwe endleleni esidlala ngayo kodwa kufanele sisebenze ngokuphindiwe. Kodwa ngeke siyiphunyule. Uma kuseyimina umqeqeshi, uma sihlulwa kuzobe kungekho kuwukuthi laba bantu badlale kahle ngempela, hhayi ngenxa yomqondo esize ngawo. Angisoze ngakuvumela lokho. Ngethemba ukuthi sizolishaya igoli laphaya,” kusho uMosimane.