NJENGOBA sezeqa uMaliyethe embangweni wesicoco se-Absa Premiership, uPitso “Jingles” Mosimane, oqeqesha iMamelodi Sundowns ubona sekuyisikhathi esinzima, esidinga ‘iqiniso’ kubadlali nethimba labaqeqeshi asebenzisana nalo.
NgoMsombuluko ozayo (Ephreli 1) amaBrazilians okuyiwona avikela isicoco seligi, azodudulana ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
Empeleni iPremier Soccer League (PSL), ibihlele ukuthi lo mdlalo udlalwe ngo-Ephreli 27. Nokho ngokubukela ukuxineka kweSundowns kwiCAF Champions League, inqume ukuthi iwusondeze.
Ziya kulo mdlalo nje, kuminyene untshumo esicongweni se-Absa Premiership njengoba kuyiSundowns ezihola phambili ngamaphuzu angu-43, emidlalweni ngu-23. Endaweni yesibili kukhona iBidvest Wits enangu-41 emidlalweni engu-24, kanti iPirates isendaweni yesithathu njengoba inangu-40, emidlalweni engu-23.
UMosimane uthe uyabazi abadlali ukuthi bayohlezi befuna ukudlala noma kunini kodwa wathi lokhu kusho ukuthi ithimba lakhe labaqeqeshi kufanele lingenzeleli, liphumele obala ngezinguquko kubadlali ngoba nokuphumula kubalulekile.
“Akukhona ukuthi kukhala esami nje isicathulo, akekho ongitshelayo. Kulesi sikhathi lapho sidlala nasemqhudelwaneni iCAF Champions League, sidinga ukuba neqiniso sonke eqenjini senze ngokufanele, ukuze sinqobe. Abadlali bayohlezi bejabulela ukudlala, bangasho noma yini ukuze badlale kodwa lokho kufanele sikugade kakhulu nethimba lami labaqeqeshi ngoba kungasibulala uma singakunakile,” usho kanje uMosimane.
UMosimane uphinde wakhuluma ngabalandeli bamaqembu, abafuna kuqale abadlali ababathandayo esikimini.
“Abalandeli bafakana ingcindezi, ngakho kufanele njengomqeqeshi wazi okufanele ukwenze. Kwesinye isikhathi bamemeza igama lomdlali abazifelayo ngaye, ukuze bezombona edlala. Bakhohlwa yinto eyodwa ukuthi imidlalo ayifani, kunezindlela ezahlukene zokudlala emidlalweni ehlukene. Isibonelo nje, uma ubuka isikimu seMaritzburg United njalo siyashintsha, yini ndaba, ingcindezi. Kwesinye isikhathi nathi njengabaqeshi sinokuhala uma sijimisa, ubone umdlali enza kahle bese uyacabanga kaningi. Iqiniso ukuthi imidlalo ayifani, ngakho nokuyihlelela akusoze kwafana,” usho kanje uMosimane.
Ebuzwa ukuthi umdlalo wabo nePirates ngabe uzocacisa isicoco seligi yini, uMosimane uthe: “Asingakhulumi ngalokho okwamanje, kuzozicacela. Asilinde isikhathi esikahle sokukhuluma ngakho, hhayi manje."
Elinye iqembu elingaba yingozi embangweni wesicoco seligi iCape Town City ephekwa uBenni McCarthy, ebukeka ilokhu icathama ngemuva kweSundowns, Wits nePirates.